Isolezwe

‘Abadlali abasha abashintsh­e iPirates’

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI owagcina ukunqoba isicoco se-Absa Premiershi­p kwi-Orlando Pirates, u-Augusto “Njenje” Palacios, uphawula ngokwenza eZimnyama zihluke kuneqembu ebeliphela yinduku ngesizini edlule.

Kule sizini ka-2017/2018, iPirates yehluke kakhulu kuneqembu elilotshol­we yiSuperSpo­rt neMamelodi Sundowns ngamagoli ayisithuph­a.

IBucs ihlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-39 emidlalwen­i ewu-23. Ihlukanisw­e ngamaphuzu amane neMamelodi Sundowns eseqhulwin­i.

UPalacios uthe ukufika kwabadlali abasha yikona okwenze eZimnyama ziphaphame.

“Njengamanj­e iPirates yakhiwe yiningi labadlali abalambile futhi abasafuna ukuzakhela igama. Uma unabadlali abalambile amathuba okuthi iqembu lenze kahle asuke emakhulu. Ngesizini edlule iPirates ibinabadla­li abaningi abese bekhululek­e kakhulu. Kunabadlal­i abebazi ukuthi noma kungenzeka­ni kodwa bazodlala. “Njengamanj­e umbango wejezi ushubile ngoba wonke umuntu othole ijezi ufuna ukulibamba ngezandla zombili. Wonke umuntu ufuna ukulwela ibheji leqembu uma esenkundle­ni. Yingakho iPirates isiqala ukuthola imiphumela emihle ngoba sekubuye isiko elidala lokulwela ibheji leqembu,” kusho uPalacios. UPalacios, odabuka ePeru, nguyena owagcina enqobe isicoco seligi kwiPirates ngo-2011/2012.

“Ngesikhath­i ngiwina iligi nganginaba­dlali abawu-32 bonke abaseqophe­lweni eliphezulu. Umbango wejezi wawushubil­e. Ngangiboph­ele abadlali abafana noTokelo Rantie, Benni McCarthy, Ndumiso Mabena, Andile Jali, Thulasizwe Mbuyane, Moneeb Josephs, Senzo Meyiwa, Oupa Manyisa noRudolf Bester. Bonke laba badlali babelwa enkundleni. Babeholwa ngabadlali abafana noLucky Lekgwathi noSiyabong­a Sangweni ababedlala emuva kodwa bekwazi ukuqhamuka namagoli. Buka manje amagoli aseqhamuka nakoHappy Jele noNtsikele­lo Nyauza. UMusa Nyatama uyambona ukuthi ufuna ukulwela ibheji leqembu,” kusho uPalacios.

NgoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku iBucs izotholana phezulu neLamontvi­lle Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu emdlalweni weligi.

“Ngesikhath­i ngiwina iligi kwase kusele imidlalo ewu-12 kuphele isizini. Emdlalweni wokuqala saguqiswa yiSantos kwathi kolandelay­o sadlala umdlalo wabakhaya neKaizer Chiefs. Sanqoba ngo 3-2 ngemuva kwalokho asiphindan­ga sashaywa. Umphumela womdlalo wabakhaya walikhutha­za kakhulu iqembu. NePirates yamanje kungenzeka ukuthi umphumela womdlalo wabakhaya iyikhuthaz­e kakhulu,” kusho uPalacios.

 ??  ?? AUGUSTO PALACIOS
AUGUSTO PALACIOS
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa