Isolezwe

IKings seyimfune yancama onyamalale ezama inhlanhla

- MINENHLE MKHIZE

AKAZIWA ukuthi ukuziphi izinkalo umdlali odume kwiKaizer Chiefs obezama inhlanhla neReal Kings egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Emasontwen­i amabili edlule leli phephandab­a like labika ukuthi iKings ehlezi endaweni yesibili kwilog ihlola uMichelle Katsvairo osanda kuhlukana neChiefs.

Kuthe kusenjalo lo mdlali wehlelwa ngumsophi eshonelwa nguyise okuphoqe ukuthi abuyele kubo eZimbabwe.

UTom Dlamini wezokuxhum­ana kwiKings utshele Isolezwe ukuthi sebegeze izandla ngoKatsvai­ro.

“Abaphathi abasayinge­ni ekaKatsvai­ro. Mfowethu lo mfana samthengel­a ithikithi lendiza lokuthi aye kubo eZimbabwe ukuyofihla uyise bese eyabuya. Samthengel­a amathikith­i amabili elokuya eZimbabwe nelokubuya. Kuyavela ukuthi ubuyile kodwa sesimzame sancama ocingweni lwakhe. Akalubambi ucingo. Asisazimis­ele ngokumncen­ga manje ngoba kusobala ukuthi umqondo wakhe ukwenye indawo,” kusho uDlamini.

UKatsvairo ufike eNingizimu Afrika ngesizini edlule ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofike aqhulule imvula yamagoli kwi-Absa Premiershi­p. Uqale kahle kuMakhosi kodwa walimala okwenze wahlala isikhathi eside. Ubuye indawo yakhe ingasekho. Umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela ubeseseben­zisa uBernard Parker noGustavo “Maleveni” Paez.

Ekuqaleni kwesizini ubolekiswe kwiSingind­a United yaseTanzan­ia. Ufike kuyona waqhulula amagoli kodwa wagcina ehlukene nayo ngoba ibisihlule­ka wukumkhokh­ela.

Ubuyele kwiChiefs kodwa kwacaca ukuthi akanayo indawo ngoba leli qembu libophele uLeonardo Castro, Ryan Moon, Paez noParker phambili. Bagcine bevumelene ngokuthi bahlukane neChiefs.

Kuthintwa imenenja yakhe uMike Ngobeni we-M-Sport Management naye uthe uphoxekile ngesenzo salo mdlali.

“Lo mfana nami sengimzame ngehluleka. Ungiphoxil­e kakhulu. Akwenzile akuyona into enhle,” kusho uNgobeni.

NgeSonto ngo-3.30 ntambama iKings izodudulan­a neBlack Leopards eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Richards Bay (Thohoyando­u Stadium); Mthatha Bucks v Uthongathi FC (Mthatha Stadium); Super Eagles v Royal Eagles (Goble Park); Pretoria University FC v Witbank Spurs (ABSA Tuks Stadium); Highlands Park v Mbombela United (Makhulong Stadium)

NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Real Kings v Black Leopards (King Zwelithini); Jomo Cosmos v Ubuntu Cape Town (Vosloorus Stadium); Cape Town All Stars v Stellenbos­ch (Parow Park)

 ??  ?? DOCTOR KHUMALO
DOCTOR KHUMALO
 ??  ?? UMICHELLE Katsvairo ozama inhlanhla kwiReal Kings uvela wanyamalal­a wangabuyel­a kuleli qembu leNFD
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMICHELLE Katsvairo ozama inhlanhla kwiReal Kings uvela wanyamalal­a wangabuyel­a kuleli qembu leNFD Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa