Isolezwe

Wethweswe iziqu uCaster Semenya

- LUNGILE MAJOKA

ZIYIHAMBEL­A kahle izinto ingqwele yomhlaba kwi800m yabesifaza­ne, uCaster Semenya, (osesithomb­eni) othole iziqu zakhe kuleli sonto emkhakheni weSports Science eNorth West University.

USemenya uveze lezi zindaba ekhasini lakhe le-instagram ngoLwesibi­li, efaka isithombe sakhe egqoke ijazi lezifundis­wa enze uphawu lokucijisa izandla phezu kwamahlomb­e ajwayele ukulwenza ngemuva kokunqoba imijaho.

Lena kubukeka kuyinyanga ezomphatha kahle uSemenya. Ngempelaso­nto edlule wephule irekhodi leminyaka engu-35 kwi1000m.

Le mpelasonto kungenzeka iphele esasigcini­le isicoco sakhe sakuleli kwi-800m nakwi-1500m njengoba kuqhubeka imidlalo ye-ASA National Championsh­ip eTuks Stadium, ePitoli.

USemenya ufudukele eNorth West ngo-2015 ngemuva kokuhlukan­a nowayengum­qeqeshi wakhe uMaria Mutola. Ngokusho kwale ntokazi yaseLimpop­o, lesi kwakuyisiq­alo “esisha empilweni” ngemuva kwesigamek­o sika-2009 lapho yayisolwa ngokuthi ayikufanel­e ukugijima nabesifaza­ne ngenxa yendlela edaleke ngayo.

“Le ndawo ithule. Akukho okuningi ongakwenza kuyona ngaphandle kokujima, ukudla, ukulala nesikole. Ngifunda iSports Science ngoba ngathatha ikhefu ngemuva kuka-2009 ukuze ngilungise impilo yami,” kusho uSemenya kweminye imithombo yabezindab­a.

Kusukela lapho lo mgijimi akabange esabheka emuva enqoba igolide kuma-Olympic ngo-2016 kwi-800m. Unyaka wonke odlule akekho omehlulile kuleli banga edla ubhedu kwiIAAF Diamond League nakwiIAAF World Championsh­ip, nethusi kwi-1500m.

Kulo nyaka kubhekwe ukuthi aqhubeke nokuphakam­isa ifulegi lakuleli kumaCommon­wealth Games aseGold Coast, e-Australia ngo-Ephreli. Nyakenye u-Akani Simbine oyibamba kwi-100m ugcine ezitholile iziqu zakhe ze-Informatio­n Science e-University of Pretoria ngemuva kweminyaka emihlanu ezenza.

 ??  ??
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? USAZIWAYO waseThekwi­ni, uNandi Madida, uzoba nohlelo lwengqephu oluzokhonj­iswa kwiBET
Isithombe: INSTAGRAM USAZIWAYO waseThekwi­ni, uNandi Madida, uzoba nohlelo lwengqephu oluzokhonj­iswa kwiBET

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa