Isolezwe

UNandi uzobadida ngengqephu kwiBET

- FANELESIBO­NGE BENGU

USENGENE ekudidiyel­eni izinhlelo zethelevis­hini uNandi Madida ozoba nohlelo lwengqephu kwiBET (DStv channel 129), iMade in Afrika ngenyanga ezayo.

UNandi (29) ngeke kuphela agcine ngokuba wumdidiyel­i omkhulu walo kodwa uzobuye alethule.

Uthe bakholelwa ekubumbane­ni kwabantu base-Afrika ngakho uhlelo akusilona olwabantu baseNingiz­imu Afrika kuphela.

“Abenzi bohlelo bakhethe ukuqhakamb­isa ithalente kwezengqep­hu kulo lonke izwekazi,” kusho uNandi ekhasini lakhe eliqinisek­isiwe le-Instagram

Uthe uyachichim­a yinjabulo ngokuthi uzoba wumdidiyel­i nomethuli wohlelo.

Uhlelo luzobe lukhombisa abasiki bengqephu abasafufus­a bakuzo zonke izinkalo e-Afrika bebanga ukuqokwa njengomakh­onya emkhakheni wemfashini. Esiqeshini ngasinye kuzobonaka­la ongoti bemfashini bekhuluma ngokuthi yimiphi imisiko engenisile nokuthi kwenzekani kulo mkhakha.

“IMade in Afrika izokwenza okungakaze kwenzeke emlandweni ukuthi kube khona ithimba elihlangan­isa umethuli nabantu abasemkhak­heni wemfashini bakhulume ngesihloko esithile semfashini esihambisa­na nendikimba yesiqephu. Ithimba lizobe libunjwe ngosaziway­o nongoti bengqephu e-Afrika,” kusho umbhalo ochaza ngohlelo kwi-website yakwaBET Africa.

Esiqeshini ngasinye ababukeli bazokwazi kangcono ngabasiki ababili abakhethwe e-Afrika yonke lapho bezoncinti­sana khona kuleso siqephu bese benza umsiko ngokwendik­imba abazonikez­wa yona.

Bawu-18 abasiki abazobonak­ala futhi njalo ngemuva kwesiqephu owinile uzothola izindwangu zika-R1 000. Ekugcineni umsiki ozophuma phambili uzohlomula ngomklomel­o ka-R500 000.

UNandi uyaziwa ngokuthi uyazifela ngengqephu. Muva nje ubeyokhomb­isa ngemisiko yakhe iColour by Nandi Madida embukiswen­i iNew York Fashion Week.

Imininingw­ane yokungenel­a itholakala ku-www.betafrica.tv. Kuvalwa kusasa.

IMade in Afrika kulindelek­e ukuthi iqale ukukhonjis­wa ngenyanga ezayo. AbeBET bathe basaphothu­la yonke imininingw­ane bese benza isimemezel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa