UShembe ucele ukwelulekwa ngezitabane
ukuhlukunyezwa kwamaNazaretha kuleli, utshele iKhomishini ukuthi amadoda athandana namanye ayeyingxenye yohambo lwasentabeni iKhenani, eya ocansini nabafana athi kuyilungelo lawo ukuzijabulisa noma ngabe kukuphi.
Uthe abafana abathathu, omunye wabo wayengwa ezinkundleni zokuxhumana kwathiwa uzokhulekelwa. Esefikile indoda eyayimyengele entabeni yathi kumele aqale alale nayo ngaphambi kokuthi akhulekelwe.
“Ibhayibheli alikuvumi ukuthi amadoda enze ucansi namanye amadoda. Uma sikhuluma nawo ngalokhu, athi anamalungelo awanikwa wuhulumeni. Amalunga ebandla athela ngenduku ababegila iziga, abhekene namacala okushaya akubange kusabhekwa ukuthi bebenzeni. Sifuna ukulandela umthetho wezwe ngezinto esizenzayo. Sifisa ikhomishini isiluleke ukuthi kumele senzenjani,” kusho uMnuz Myeni.
UNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva usihlalo weKhomishini uthe ukuya ocansini esidlangalaleni kuyicala kanjalo nasesontweni akuvumelekile kungakhathalekile ukuthi kuyiwa ngobani.
“Njengoba lokhu kwenziwa entabeni engcwele iseluleko sami sithi ibandla lixhumane nesikhungo sokugcinwa kwamagugu, Amafa, intaba ibhaliswe ibe ngaphansi kwezindawo ezivikelekile. Ngaphandle kwalokhu umuntu ngamunye unelungelo lokuthi azihlanganise nebandla elithile. Amabandla anemithetho elawula amalunga awo, nebandla lenu ngiphakamisa ukuthi libe nemigomo elawula ukuya ocansini kule ntaba uma kunohambo. Ngaphezu kwalokho kuyicala ukushushumbiswa kwabantu. Ngokuzwa kwami lo mfana wasuka eGoli weza kule ntaba ezokhulekelwa, uma esefikile kwathiwa akaqale ngokulala nale ndoda. Lokho kuyicala eningalivula emaphoyiseni, lilandelwe,” kusho yena.