Isolezwe

UShembe ucele ukwelulekw­a ngezitaban­e

-

ukuhlukuny­ezwa kwamaNazar­etha kuleli, utshele iKhomishin­i ukuthi amadoda athandana namanye ayeyingxen­ye yohambo lwasentabe­ni iKhenani, eya ocansini nabafana athi kuyilungel­o lawo ukuzijabul­isa noma ngabe kukuphi.

Uthe abafana abathathu, omunye wabo wayengwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwathiwa uzokhuleke­lwa. Esefikile indoda eyayimyeng­ele entabeni yathi kumele aqale alale nayo ngaphambi kokuthi akhulekelw­e.

“Ibhayibhel­i alikuvumi ukuthi amadoda enze ucansi namanye amadoda. Uma sikhuluma nawo ngalokhu, athi anamalunge­lo awanikwa wuhulumeni. Amalunga ebandla athela ngenduku ababegila iziga, abhekene namacala okushaya akubange kusabhekwa ukuthi bebenzeni. Sifuna ukulandela umthetho wezwe ngezinto esizenzayo. Sifisa ikhomishin­i isiluleke ukuthi kumele senzenjani,” kusho uMnuz Myeni.

UNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva usihlalo weKhomishi­ni uthe ukuya ocansini esidlangal­aleni kuyicala kanjalo nasesontwe­ni akuvumelek­ile kungakhath­alekile ukuthi kuyiwa ngobani.

“Njengoba lokhu kwenziwa entabeni engcwele iseluleko sami sithi ibandla lixhumane nesikhungo sokugcinwa kwamagugu, Amafa, intaba ibhaliswe ibe ngaphansi kwezindawo ezivikelek­ile. Ngaphandle kwalokhu umuntu ngamunye unelungelo lokuthi azihlangan­ise nebandla elithile. Amabandla anemitheth­o elawula amalunga awo, nebandla lenu ngiphakami­sa ukuthi libe nemigomo elawula ukuya ocansini kule ntaba uma kunohambo. Ngaphezu kwalokho kuyicala ukushushum­biswa kwabantu. Ngokuzwa kwami lo mfana wasuka eGoli weza kule ntaba ezokhuleke­lwa, uma esefikile kwathiwa akaqale ngokulala nale ndoda. Lokho kuyicala eningalivu­la emaphoyise­ni, lilandelwe,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa