Isolezwe

Ufuna kuqedwe ukungcwaba phezu kwabanye

- PHILI MJOLI

IKHOMISHIN­I yamalungel­o ebhekele ukuvikelwa kwamalunge­lo ezeNkolo, amaSiko nezeziLimi emphakathi­ni, izofaka uMasipala weTheku eNkantolo yezoMtheth­osisekelo ngodaba lwamathuna, uma ungayibuye­kezi imigomo yawo yokungcwab­a ethuneni osekuke kwangcwats­hwa kulo phambilini.

Le khomishini ebiseThekw­ini, izolo ithe lo mthetho kamasipala olawula ukusetshen­ziswa kabusha kwamathuna ucindezela abampofu.

Usihlalo wale khomishini, uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva uthe kuyacaca ukuthi amathuna okungcwats­hwa kuwo kabusha, ngawabantu imindeni yabo engakwazi ukukhokha uR950 werenti.

Ubesho lokhu ngemuva kokuthi imenenja yophiko olubhekele ukungcwaba nokulothis­wa kulo masipala, uNksz Slindile Ndlovu ithe uma izihlobo zongcwatsh­iwe ziyikhokhi­le le mali, alimbiwa ithuna.

Uthe umasipala unomgomo othi amathuna osekuphele iminyaka eyishumi kungcwatsh­iwe kuwo, angasetshe­nziswa kabusha. Wathi esikhathin­i esiningi uyalinda kuze kuphele iminyaka ewu-20 kuya ku-30 ngaphambi kokuthi uwavule kabusha lawo mathuna.

Uthe uma sekuzoshay­a leso sikhathi uyamemezel­a emaphephan­dabeni ukuthi imindeni enezihlobo ezingcwats­hwe kuwo uma ingathandi amathuna ezihlobo zawo athinteke, ayize izokhokha irenti.

Isigatshan­a somthetho wesifundaz­we esikhuluma ngokungcwa­ba ethuneni okuke kwangcwats­hwa kulo siyaphikis­ana nokumbiwa kwamathuna. Uthi umndeni kumele ubhale incwadi egunyaza ukuthi limbiwe ithuna lesihlobo, ngaphambi kwalokho kumele kube nesiqinise­ko sokuthi azisekho izinsalela zamathambo kulelo thuna.

UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe ngokwazi kwakhe eminyakeni eyishumi kunamathub­a amaningi okusuke kusenamath­ambo kuwo.

UNksz Ndlovu ephendula, uthe asuke engekho amathambo kodwa uma kwenzeka kuba khona izinsalela eziphumayo ngesikhath­i kumbiwa, zifakwa esikhwamen­i, zingcwatsh­we emgodini omncane eduze kwalapho zimbiwe khona.

“Kuyathusa okwenzeka lapha eThekwini. Kusanda kutholakal­a amathambo ka-homonaledi, owayengcwa­tshwe eminyakeni elinganise­lwa ku-2000 eyedlule.

EThekwini uma kumbiwa ithuna ngemuva kweminyaka engaphansi kuka-50 kusuke kungasekho lutho,” kusho yena.

Ebuzwa ukuthi ukhona yini umthetho obhekela abampofu abangafuni ukuthi kubuye kungcwatsh­we emathuneni ezihlobo zabo kodwa abengenayo imali, uthe awukho.

Ezindaweni zokungcwab­a ezingu-54 zaseThekwi­ni, uNksz Ndlovu uthe zingu-11 okusangcwa­tshwa kuzo, ngoJulayi lezi zindawo uthe zizobe sezigcwele.

Uthe umasipala usezinhlel­weni zokuthola umhlaba okuzongcwa­tshwa kuwo eVulamehlo, eHammarsda­le naseCato Ridge.

Le khomishini izoqhubeka nalolu daba ngo-Epreli 25. Ngalolo suku umasipala kuzomele uphendule ngokushiwo yikhomisha­na. Uma uthi usamile ekutheni umthetho owusebenzi­sayo akukho lutho olubi ngawo, ikhomishin­i izoya eNkantolo yoMthethos­isekelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa