Ufuna kuqedwe ukungcwaba phezu kwabanye
IKHOMISHINI yamalungelo ebhekele ukuvikelwa kwamalungelo ezeNkolo, amaSiko nezeziLimi emphakathini, izofaka uMasipala weTheku eNkantolo yezoMthethosisekelo ngodaba lwamathuna, uma ungayibuyekezi imigomo yawo yokungcwaba ethuneni osekuke kwangcwatshwa kulo phambilini.
Le khomishini ebiseThekwini, izolo ithe lo mthetho kamasipala olawula ukusetshenziswa kabusha kwamathuna ucindezela abampofu.
Usihlalo wale khomishini, uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva uthe kuyacaca ukuthi amathuna okungcwatshwa kuwo kabusha, ngawabantu imindeni yabo engakwazi ukukhokha uR950 werenti.
Ubesho lokhu ngemuva kokuthi imenenja yophiko olubhekele ukungcwaba nokulothiswa kulo masipala, uNksz Slindile Ndlovu ithe uma izihlobo zongcwatshiwe ziyikhokhile le mali, alimbiwa ithuna.
Uthe umasipala unomgomo othi amathuna osekuphele iminyaka eyishumi kungcwatshiwe kuwo, angasetshenziswa kabusha. Wathi esikhathini esiningi uyalinda kuze kuphele iminyaka ewu-20 kuya ku-30 ngaphambi kokuthi uwavule kabusha lawo mathuna.
Uthe uma sekuzoshaya leso sikhathi uyamemezela emaphephandabeni ukuthi imindeni enezihlobo ezingcwatshwe kuwo uma ingathandi amathuna ezihlobo zawo athinteke, ayize izokhokha irenti.
Isigatshana somthetho wesifundazwe esikhuluma ngokungcwaba ethuneni okuke kwangcwatshwa kulo siyaphikisana nokumbiwa kwamathuna. Uthi umndeni kumele ubhale incwadi egunyaza ukuthi limbiwe ithuna lesihlobo, ngaphambi kwalokho kumele kube nesiqiniseko sokuthi azisekho izinsalela zamathambo kulelo thuna.
UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe ngokwazi kwakhe eminyakeni eyishumi kunamathuba amaningi okusuke kusenamathambo kuwo.
UNksz Ndlovu ephendula, uthe asuke engekho amathambo kodwa uma kwenzeka kuba khona izinsalela eziphumayo ngesikhathi kumbiwa, zifakwa esikhwameni, zingcwatshwe emgodini omncane eduze kwalapho zimbiwe khona.
“Kuyathusa okwenzeka lapha eThekwini. Kusanda kutholakala amathambo ka-homonaledi, owayengcwatshwe eminyakeni elinganiselwa ku-2000 eyedlule.
EThekwini uma kumbiwa ithuna ngemuva kweminyaka engaphansi kuka-50 kusuke kungasekho lutho,” kusho yena.
Ebuzwa ukuthi ukhona yini umthetho obhekela abampofu abangafuni ukuthi kubuye kungcwatshwe emathuneni ezihlobo zabo kodwa abengenayo imali, uthe awukho.
Ezindaweni zokungcwaba ezingu-54 zaseThekwini, uNksz Ndlovu uthe zingu-11 okusangcwatshwa kuzo, ngoJulayi lezi zindawo uthe zizobe sezigcwele.
Uthe umasipala usezinhlelweni zokuthola umhlaba okuzongcwatshwa kuwo eVulamehlo, eHammarsdale naseCato Ridge.
Le khomishini izoqhubeka nalolu daba ngo-Epreli 25. Ngalolo suku umasipala kuzomele uphendule ngokushiwo yikhomishana. Uma uthi usamile ekutheni umthetho owusebenzisayo akukho lutho olubi ngawo, ikhomishini izoya eNkantolo yoMthethosisekelo.