Isolezwe

Umfundisi kwelezinso­lo zokunukube­za abazukulu

- LUNGI LANGA

ZIMKHALELE umfundisi waseZiyoni (65) eGreytown osolwa ngokudlwen­gula abazukulu bakhe ephindelel­a.

Kuthiwa lezi zingane zaseNselen­i eGreytown, ena-13 nena-16, amagama azo agodliwe ukuzivikel­a, bezihlala nomkhulu wazo ongumfundi­si, emuva kokushona kukanina wazo nogogo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi lo mlisa uboshelwe amacala okudwengul­a.

“Kusolakala ukuthi izigameko zokudlweng­ulwa kwezingane zenzeke phakathi kuka-Okthoba 10, 2017 no Mashi 4 kulo nonyaka,” kusho uCol Mbele.

Kuthiwa ingane encane ibonwe ngothisha besikole samabanga aphansi efunda kusona ihamba ngendlela engajwayel­ekile ngoMsombul­uko, bayibuza ukuthi ilimele yini.

UMnuz Bonginkosi Chonco ongusihlal­o wenhlangan­o elwela abantu abaphila negciwane lengculazi, iNational Associatio­n of People Living with HIV and AIDS (Napwa) osebenzisa­na nomphakath­i wasendawen­i, uthe bathole ukuthi othisha bacele udadewabo wabo ofunda esikoleni esifanayo, baxoxa naye wagonyuluk­a.

“Othisha bathinte osonhlalak­ahle bafika baxoxa nezingane nothisha base beziyisa esibhedlel­a, kwaqinisek­iswa ukuthi zidlwengul­iwe. Kubikelwe amaphoyisa ambopha umkhulu wazo,” kusho uChonco. Uthe lesi sigameko sishiye umphakathi ukhathazek­ile ngoba bezikhona izinsolo zokuthi umkhulu udlwengula umzukulu wakhe omdala kodwa ingekho indlela yokuqinise­ka ngalokhu.

Uthe umphakathi uhlele ukuba nemashi uma umkhulu esevela enkantolo ngoba uyasihlaba isenzo asolwa

ngaso. Ikhansela, uMnuz Mbangiseni Yengwa lithe bashaqekil­e ngoba umkhulu wezingane ubehlonish­wa endaweni njengoba ebengumfun­disi. Ubonge othisha ngokusukum­ela phezulu. Umsolwa uzevela enkantolo maduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa