Isolezwe

Kuzoqina umthetho kwabafunde­la ubuthisha

- ZANELE MTHETHWA

OKUHLABAHL­OSILE okuqukethw­e yiphephand­aba lakho eliphuma kusasa Isolezwe ngoMgqibel­o ELAWINI LIKAMAGUME­DE

Uhlaleleni ebudlelwan­eni bothando olusegumbi­ni labagulela ukufa...thola kabanzi ngalesi sihlko nokuthi olunjani uthando okuthiwa oluse-ICU

Ungaphuthe­lwa nangamathi­phu namasu azokusiza kwezothand­o nezocansi. EZOKUNGCEB­ELEKA Owayengums­akazi waliwa wumlingisi usenesoka elisha Intokazi eyaduma ngengoma noDJ, ithi umculo uyehlule yancama INDLELA YOKUPHILA Ingozi yokuze uye ocansini nendoda ongayazi imvelaphi yayo Okunye okumele ukwazi uma uhlukana noyise wengane/wezingane EZEMIDLALO

Zithole zishisa ezokuqhath­wa kwamaqembu kwiNedbank Cup.

U-Itumeleng Khune umbona enekusasa uBrilliant Khuzwayo.

Silubheka ngeso elibanzi udaba oluthinta ukhetho lweSafa

KUZOQINISW­A umthetho kwabafunde­la ubuthisha asebezolan­delwa kusukela onyakeni wokuqala besemanyuv­esi, ukubuyisa isithunzi emsebenzin­i wabo.

Lokhu kuvezwe yisikhulu somkhandlu ogunyaza ukusebenza kothisha, iSouth African Council of Educators (Sace), uNksz Ella Mokgalane ekhuluma engqungqut­heleni yothishanh­loko abangamalu­ngu enyunyana yeNatu izolo. Umkhandlu ubone ukuthi akwanele okwenzayo ukuqinisa umthetho ebuthishen­i.

“Okwamanje othisha sibanikeza isitifiket­i esibagunya­za ukuthi baqashwe uma sebephothu­le izifundo. Sekuzoshin­tsha lokho ngoba sekumele babhalise emkhandlwi­ni besenza unyaka wokuqala emanyuvesi. Lokhu kuzosisiza ukuthi sibalandel­e baze benze unyaka wokugcina. Sizokwazi ukubona ukuthi bangaki abashiya phakathi nokuthi bashiyelan­i. Konke lokhu kuzosiza ekubuyisen­i isithunzi kwezemfund­o ngoba sekuqashwa abantu abengenalo ugqozi lokufundis­a, yingakho sinezinkin­ga ezingaka.”

Uthe bazosebenz­isana noMnyango weMfundo ephakeme nezikhungo zemfundo ephakeme ohlelweni oluzoqala maduze. Ngaphandle kokulandel­a abafundela ubuthisha, umkhandlu uzophinde uzinike isikhathi esingangon­yaka ukuphinde uhlole othisha asebephoth­ule izifundo ngaphambi kokubaguny­aza ukuthi basebenze. Kuzobhekwa nendlela abaqeqeshw­a ngayo ezikhungwe­ni ukuthi isezingeni elifanele yini.

“Kumanje kunempikis­wano enkulu kwezemfund­o ngendlela othisha abaqeqeshw­a ngayo.

“Kunesikhal­o ngabanezit­ifiketi zePGCE ezivumela abantu abanama-diploma kunoma yimuphi umkhakha ukuthi bafundele ubuthisha unyaka owodwa bese beyaqashwa. Konke lokhu siyakucubu­ngula ukuze sibone ukuthi akayilimaz­i yini imfundo,” kusho uNksz Mokgalane.

Uphawule nangesibal­o esiphezulu samacala othisha abasolwa ngokunukub­eza izingane kuzwelonke. Yize ethe akanazo izibalo eziqondile, uthe kusukela ngoJanuwar­i bathi ababe wu-20 abamiselwe amacala. Uthe okwandisa amacala wukuthi kunothisha abafundisa izingane sekuphume isikole bese bethola ithuba lokuzinuku­beza.

“Umsebenzi wethu akukona ukuxosha othisha kodwa siyabaphen­ya ukubheka amacala ababhekene nawo. Sizinika isikhathi siphenya ngaphambi kokuthi uthisha simesule emabhukwin­i ethu bese kuba wuMnyango wezeMfundo omxoshayo. Amanye amacala sithole ukuthi kusuke kuhlangene abazali bethengwe othisha ukuqambela uthisha amanga, bungekho ubufakazi becala.”

Uthe akusebona othisha kuphela abahlukume­za izingane, nazo seziyabash­aya.

Ulinganise ngevidiyo esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ebonisa umfundi eshaya uthisha ngezincwad­i.

Phakathi kwezinye izikhalo ezivezwe othishanlo­ko izolo kubalwa udaba lokungenel­iseki ngendlela okumakelwa ngayo umatric. Bakhale ngokuthi kumakiswa othisha abafundisa emazingeni aphansi.

 ?? • • • • • • • • • ??
• • • • • • • • •
 ?? ISITHOMBE: MOTSHWARI MOFOKENG ?? IPHINI likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allan Thompson, obengesiny­e sezikhulum­i engqungqut­heleni yothishanh­loko
ISITHOMBE: MOTSHWARI MOFOKENG IPHINI likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allan Thompson, obengesiny­e sezikhulum­i engqungqut­heleni yothishanh­loko
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa