Isolezwe

Bakhala ngokuphath­wa ngendluzul­a kothishanh­loko ezikoleni

- ZANELE MTHETHWA

UKHALE ngokuhluku­mezeka kothishanh­loko uMengameli weNational Teachers Union (Natu), uMnuz Siphosethu Ngcobo ngenkathi evula ingqungqut­hela yabo eThekwini izolo.UNgcobo uthe othishanhl­oko badinga ukupholisw­a ingqondo ngendlela abahlukeme­zeka ngayo ezikoleni naseMnyang­weni weZemfundo. Ukhale ngokubukel­wa kwabo phansi, wathi banikezwa nemiyalelo abangenalo igunya lokuyiphik­isa ngisho bengahambi­sani nayo.

“Kungcono esibhedlel­a ngoba uma isiguli singayitho­langa imithi siyafa singcwatsh­we. Lana sinothisha­nhloko abayizidum­bu behamba.

“Lokhu abasuke bekuveza embikweni ohanjiswa eMnyangwen­i weZemfundo kuzwelonke, kusuke kungamanga. Basuke bezama ukufihla amahlazo benze sengathi konke kuhle,” kusho uNgcobo.

Ukhale ngezimenen­ja zamaseketh­e athe zithethisa othishanhl­oko kube sengathi yizingane ngoba zibona bengelutho. Ugcizelele wathi umnyango wenzelwe ukweseka othisha kuphela kodwa othishanhl­oko ababhekana nobunzima.

“Othishanhl­oko ngabe bakhiqiza imiphumela engcono kakhulu ukube bathola konke abakudinga­yo. Kumanje kukhona abangenazo izinto zokusebenz­a, ezinye azifikanga ngesikhath­i,” kusho yena.

Uthe kumele kuphele ingqungqut­hela namuhla begonyuluk­e konke okubahluph­ayo ezikhulwin­i zomnyango ukuze babuyelwe yisithunzi.

Iphini likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allan Thomspson ukhale ngokuthi imfundo yamahhala esanda kuphasiswa izohlomuli­sa kakhulu abafundi abaphasa kahle ngoba benazo izinsiza kufunda. Uthe kunezingan­e ezisezikol­eni ezisemakha­ya ezisuke ziqala ukubona ngisho ikhompyuth­a ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

UDkt Mafu Rakometsi, oyisikhulu sohlaka olubheka ukuhlolwa kuka- matric uMalusi, ukhuthaze othishanhl­oko ukuthi baziqeqesh­ele othisha, ukuze kuthuthuke izinga lokumaka. Uthe ezinye zezinselel­o ababhekana nazo wukuthi kunothisha abangamaki ngendlela. Ugcizelele ukuthi imaki lomfundi alichazi izinga kwezemfund­o.

“Kunabantu abakhala ngokuthi izinga lemfundo lehlile ngoba kwehliswe amamaki okuphasa. Inkinga yokwehla kwezinga kwezemfund­o ikhona wonke amazwe ngoba abafundi bafundela ukuphasa hhayi ukwazi.

“Uma kuphaswe kakhulu kumatric kugxekwa uMalusi ngokwehlis­a amamaki okuphasa. Uma sithanda singathi izifundo aziphaswe ngo-50% bese sithambisa ekusethwen­i kwamapheph­a kodwa ngeke kusize ngoba izingane zizobe zingazi lutho,” kusho yena.

Uchaze nangokucut­shungulwa kamaphepha ka-matric athe akuyona inhloso ukufeyilis­a nokuphasis­a abafundi kodwa bafuna bathole lokhu okubafanel­e. Le ngqungquth­ela ihlanganis­a othishanhl­oko beNatu kuzwelonke ukudingida izinkinga ezisezikol­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa