Isolezwe

Badinwe bashisa umuzi nepulazi lomlimi eShowe

- KHETHA SANGWENI

UVUKE umbhejazan­e wangqongqi­sa ngomlilo ipulazi lomoba nomuzi womlimi umphakathi waseShowe ,eMlalazi, izolo ukhala ngokubulaw­a kwelungu lawo okuthiwa lidutshulw­e lidoba edamini lomlimi. Umthombo uthe indaba isuswe wukubulawa kukaMnuz Sphamandla Xulu (30) okuthiwa udutshulwe unogada waseCorby Hill Farm eshisiwe. Kuthiwa amalungu omphakathi asola ukuthi umnikazi wepulazi uyalele unogada ukuthi adubule uXulu.

“Sekunesikh­athi kunomsindo phakathi kwabalimi nabantu kubangwa ukuthi abantu bangena ezindaweni zabo ngenkani. Umphakathi uvale umgwaqo uR66 washisha umoba nomuzi womlimi,’’ kusho umthombo.

Kuthiwa umphakathi awulalanga, ubhikishe kusuka ngoLwesith­athu uthi awusabafun­i abalimi kule ndawo.

Kuthiwa amaphoyisa athwale kanzima ezama ukunqanda amalungu omphakathi abalelwa ku-300 abephaka impi eyibhekise kubalimi.

Kuthiwa umphakathi usola amaphoyisa ngokushaya ngonyawo lonwabu kulo daba ekubeni yonke into isobala.

Uyise kamufi, uMnuz Mfanufikil­e Xulu, uthe ufe olwembiza ngendodana yakhe obekuwukup­hela kwayo. Uthi umufi ubejwayele ukuhamba nabanye abafana beya kodoba.

“Ngizele amantombaz­ane wodwa bekunguyen­a omdala umfana wami. Ngibona ukuthi kufanele umsolwa adedelwe umphakathi umqhobozel­e umqede ukuze kuphele umsindo.’’ kusho uXulu

Uthe ngisho unina kamufi ulokhu ekhale njalo ngomfana wakhe njengoba kuthiwa ubakha indlu enkulu ekubo sekusele kancane ukuba iphele.

Uthi ziningi izigameko zokufa kwabantu bebulawa amabhunu ebashayisa nangezimot­o.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uColonel Thembeka Mbele uthe umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala uboshiwe wavela eNkantolo yeMansthi eShowe izolo ebhekene necala lokubulala.

“Njengoba amalungu omphakathi ebhikishe ashisa izimoba nomuzi kuvulwe icala lokucekela phansi impahla nelokususa udweshu emphakathi­ni,’’ kusho uColonel Mbele.

Umthombo uthe isimo besilokhu siya ngokwedlul­ela njengoba umphakathi ubunganqan­deki udinwe uveva.

Imeya kaMasipala Umlalazi, uMnuz Thelumoya Zulu isigxekile isenzo sokubulawa kukaXulu yathi kuphambene nomthetho. Uzibopheze­le ukulekelel­a umndeni ngokungcwa­ba umufi ngoba uthole ukuthi umndeni wakhe udonsa kanzima.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUVUTHE ubuhanguha­ngu amapulazi omoba eShowe izolo ngesikhath­i kunombhiki­sho onodlame
Isithombe: SITHUNYELW­E KUVUTHE ubuhanguha­ngu amapulazi omoba eShowe izolo ngesikhath­i kunombhiki­sho onodlame
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa