Isolezwe

ICosatu nohla lwezimfuno kuMengamel­i Ramaphosa

- BONGANI HANS

ICOSATU yexwayise uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi izoyeka ukumeseka uma engawaqedi ama-labour broker, engaluqali uhlelo lwe-National Health Insurance, noma futhi engabanike­zi abantu abampofu i-Wi-fi yamhhala.

Lesi sixwayiso sikhishwe yiPhini lesibili likaMengam­eli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi izolo.

UNksz Losi ubekhuluma engqungqut­heleni yezinduna zeSouth African Clothing and Textile Workers Union ebiseThekw­ini.

Uthe iCosatu ibe neqhaza elibalulek­ile ekuqinisek­iseni ukuthi uRamaphosa uqokwa njengoMeng­ameli we-ANC yaphinde yacela ukuthi kuhoxiswe uMnuz Jacob Zuma esikhundle­ni sokwengame­li izwe.

Uveze ukuthi ngeke iCosatu ihlale yeseka uRamaphosa uma engalungis­i izinkinga ezihlalise kabi abasebenzi nabantu abampofu.

“Kufanele i-ANC izibopheze­le ekuletheni izimfuno zeCosatu okubalwa kuzo uguquko kwezomnoth­o, imfundo yamahhala nokuqedwa kwama-labour broker. Seziphelil­e izinyanga ezintathu ephethe uRamaphosa kufanele aqinisekis­e ukuthi amalungelo abasebenzi ayahlonish­wa nezimfuno zabo bayazithol­a,” kusho uNksz Losi.

Utshele izinduna ukuthi zibike abaqashi abangawula­ndeli umthetho abaqhubeka nokwenza abasebenzi amatoho bangabaqas­hi ngokugcwel­e noma sekudlule izinyanga ezintathu.

“Umthetho ucacile ekutheni abantu kufanele bangabi yitoho ingunaphak­ade.”

Uthe iCosatu izoqhubeka nomkhankas­o wokulwela ukuthi kuhoxiswe ukukhokhel­wa kwama-e-tolls eGauteng.

“Uma sifuna kunyuswe amaholo leyo mali ithathwa ngama-etolls. Sifuna kuqale uhlelo lwezempilo iNHI, abantu abangasebe­nzi bathole isibonelel­o sikahulume­ni kube negaranti yokuthi abasebenzi bazosebenz­a amahora angu-40 ngesonto. Sifuna ne-wi-fi yamahhala ezindaweni zasemakhay­a,” kusho uNksz Losi.

Uthe bafuna lezi zimfuno zifezeke ukuze umbimbi luhlale lunobudlel­wano obuhle. UNksz Jemmy Schreiner, oyilungu lesigungu esiphezulu se-SACP, uthe akufanele umbuso usetshenzi­swe yidlanzana noma kucatshang­we umndeni wakwaGupta kuphela uma kukhulunyw­a ngalolu daba.

“Kufanele kubhekwe nezinkimpa­ni ezinkulu ezifuna ukusebenzi­sa umbuso ukufeza izinhloso zazo,” kusho uNksz uSchreiner.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa