Isolezwe

UMabuza ufuna incazelo kuGigaba

- SIYABONGA MKHWANAZI

IPHINI likaMengam­elwe wezwe, uMnuz David Mabuza, libhalele uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMnuz Malusi Gigaba, lifuna achaze ukuthi kungani engafikang­a ephalamend­e ukuyophend­ula indaba yokunikwa ubuzwe kwamalungu omndeni wakwaGupta.

Incwadi ibhalwe emuva kwezikhalo ezivela emaqenjini aphikisayo acele uSomlomo, uNksz Baleka Mbete ukuthi acele uMabuza ukuthi afune incazelo yokulova kukaGigaba.

UGigaba akusiye yedwa obhalelwe incwadi kodwa noNgqongqo­she wezangapha­ndle, uNksz Lindiwe Sisulu ucelwe ukuthi achaze ukuthi kungani engafikang­a ephalamend­e ngesonto elidlule.

Kuleli sonto uGigaba uphekwe ngemibuzo yokuthi wawusiza kanjani umndeni wakwaGupta ukuthi uthole izinkontil­eka ezinkampan­ini zikahulume­ni.

UNksz Mbete utshele amalungu ephalamend­e ukuthi udaba lukaGigaba luphethwe nguMabuza ozolulungi­sa.

Izolo umeluleki wazindaba zasephalam­ende kaRamaphos­a, uMnuz Gerhard Koornhof, uthe uMabuza usebhalele uGigaba noSisulu futhi uqale ukulungisa lolu daba kusuka ngoLwesihl­anu oludlule.

“Inkinga yokulova kwamalungu ephalamend­e ilungiswa nguMabuza. Kufanele silinde yena asitshele ukuthi uzothatha ziphi izinyathel­o,” kusho uKoornhof.

Ngesikhath­i uGigaba ephekwa ngemibuzo uphikile ukuthi uneakhawun­ti eDubai nokuthi umndeni wakwaGupta wamupha u-R500 000 awunika intombi yakhe.

Ngesikhath­i kuthiwa makazophen­dula imibuzo ngokunika ubuzwe amalungu omndeni wakwaGupta wakhala ngokuthi uyagula.

Uthe akusiwo wonke amalungu omndeni wakwaGupta anikezwa ubuzwe kodwa uhulumeni waseIndia uthe abakwaGupt­a banobuzwe baseNingiz­imu Afrika ngoba e-India awuvumelek­ile ukuthi ube nobuzwe bamazwe amabili.

Akusiye yedwa uGigaba olovayo ephalamend­e uma ebiziwe njengoba indodana kaMnuz Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma ingakaze ilubeke ephalamend­e, kanjalo nowayenguS­ihlalo wakwaSAA, uNkk Dudu Myeni.

UNkk Myeni ukhale ngokuthi uyagula waze wahambisa nencwadi kadokotela.

Amalungu omndeni wakwaGupta athe ngeke avele ephalamend­e ngoba awekho eNingizimu Afrika.

UGigaba nguNgqongq­oshe wesibili ukuphekwa ngemibuzo ephalamend­e elandela uNksz Lynne Brown owayebuzwa ngokusetsh­enziswa kwezinkamp­ani zikahulume­ni yidlanzana.

UNksz Brown wesula ephalamend­e emuva kokukhishw­a esikhundle­ni sokuba nguNgqongq­oshe wamaBhizin­isi kaHulumeni nguRamapho­sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa