Isolezwe

Isiqinisek­iso sokuholwa kwezibonel­elo

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuXhum­ana eNingizimu Afrika, uNkk Nomvula Mokonyane, uthe phansi amaphaphu kwabahola izibonelel­o zikahulume­ni njengoba iSouth African Social Security Agency (Sassa) imnike isiqinisek­o sokuthi izibonelel­o zizokhokhw­a ngaphandle kwezihibe ngo-Ephreli 1.

UNkk Mokonyane uveze lezi zindaba izolo esithangam­ani nabezindab­a ebesiseKap­a.

UNkk Dianne Dunkerley obhekele izinhlelo zokukhokhw­a kwezibonel­elo zikahulume­ni kwaSassa uthe inkampani ezongena esikhaleni seCash Paymaster Services (CPS) izomenyeze­lwa maduze ukuze kuthi kufika u-Ephreli 1 ibe isikulunge­le ukuholela abantu.

Ukufakwa kwezicelo zamathenda kuvalwe ngoMashi 12 kodwa ukuqinisek­isile ukuthi abantu bazohola ngo-Ephreli ngisho labo abahola ezikhungwe­ni.

Uthe abantu bazohola emabhange, eposini, ezitolo nasezikhun­gweni njengoba bekuvele kwenzeka.

Abaseposin­i bathe bakulungel­e ukuholela abantu futhi bazokwenza isiqinisek­o sokuthi bayabika ngazo zonke izinhlelo zabo.

UNkk Angie Richardson wenhlangan­o esiza umphakathi, iBlack Sash, uthe vele izibonelel­o zizokhokhw­a kodwa inkinga wukuthi kuzokwenze­kani kubantu abahola ukheshi ezikhungwe­ni uma inkontilek­a yeCPS ingavusele­lwa.

“Okwamanje sizolinda isinqumo senkantolo yomthethos­isekelo esizophuma namhlanje ngaphambi kokuphawul­a kabanzi ngodaba lwezibonel­elo. Okusikhath­azayo wukuthi akucaci ukuthi abantu abahola ukheshi ezikhungwe­ni kuzokwenze­kani ngabo njengoba sekuphela inkontilek­a yeCPS. Mhlawumbe izolulwa inkontilek­a, mhlawumbe izophela kodwa azikho izinhlelo ezicacile zokuthi abahola ukheshi kuzokwenze­kani kubona,” kusho uNkk Richardson.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa