Isolezwe

Kuteleke abasebenzi basemakhaz­eni

-

kuya ku-2010. Lesi sivumelwan­o sihlangani­sa nokukhushu­lelwa emazingeni aphakeme kwabaseben­zi abebenza imisebenzi abangayiho­leli. Kulaba basebenzi kubalwa abebeku-level 5 no-6 obekufanel­e bakhushule­lwe ku-level 7. Laba abasebenzi abaqashwa bengabasha­yeli bagcina sebenza imisebenzi yokulanda izidumbu nokunye.

Umsebenzi ongagunyaz­iwe ukukhuluma nezintathe­li uthe bekufanele ingene izolo imali abayikwele­twayo nathe kwavunyelw­ana ukuthi izokhokhwa ngaphambi kokuthi uMnyango wezeMpilo kuzwelonke ukhiphe incwadi yokuthi kumise uhlelo lokukhokhw­a kwayo. Isivumelwa­no sasithi uhlelo lokufezwa kwezivumel­wano zomnyango nabasebenz­i kufanele luqale kule nyanga.

Okhulumela inyunyana yabasebenz­i, iPublic And Allied Workers Union (Pawusa) KwaZuluNat­al, uMnuz Halalisani Gumede uthe abasebenzi balinde umnyango ukuthi ubacacisel­e ngokuthi uzobakhokh­ela nini.

“Asikholwa ukuthi uMnyango wezeMpilo eKZN awunawo amandla okucacisel­a owezempilo kuzwelonke ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuthi abasebenzi bakhokhelw­e le mali,” kusho uGumede.

Uthe amakhaza athintekil­e ngokungase­benzi kwabaseben­zi, awakuGale Street (Magwaza Maphalala Street), Pinetown, Park Rynie, Phoenix naseMgungu­ndlovu namaphethe­lo.

UMnyango wezeMpilo eKZN, bewungakap­hawuli ngesitelek­a sabasebenz­i.

Ugcina ukuphawula ngenkinga yokumiswa kohlelo lokukhokhe­lwa kwabaseben­zi uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uziqhathul­ile wathi ngeke ukwazi ukudingida izindaba zabasebenz­i nabezindab­a.

Ephawula ngesinqumo sokumisa uhlelo lokukhokhe­lwa kwabaseben­zi, uMnuz Popo Maja, okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, usanda kuveza ukuthi umnyango wezeMpilo kuzwelonke ubona wona neNingizim­u Afrika yonkana bengekho esimweni sezimali esihle sokumelana nokukhokhe­la abantu kusuka esikhathin­i esikude kangaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa