Isolezwe

Owasiza uGwala wayengazit­sheli ukuthi uzophila

- NOSIPHO MNGOMA

INDLELA umgijimi uMhlengi Gwala ayopha ngayo, umphathi wonogada owamhlenga uthi wayengazit­sheli ukuthi wayezophil­a. “Ngangicaba­nga ukuthi uyashona. Ngesikhath­i sifika esibhedlel­a ngimfaka esihlalwen­i esihamba ngamasondo, ngezwa sengathi uyaphela. Ngathi kuye ‘cha baba, qina’.

“Wayelimele kakhulu, kukubi,” kusho uMnuz Themba Gumede.

Lo mphathi wonogada oneminyaka engu-35 osebenza kwaFidelit­y Security wayehamba ngomgwaqo uRick Turner (Franscois) eya kobheka umsebenzi kwenye indawo abasebenze­la kuyo ngesikhath­i ephazamisa enganakile abantu abathathu ababezama ukusika imilenze kaGwala ngesaha.

Kukholakal­a ukuthi bama bebona amalambu eveni eyayishaye­lwa uGumede. Ekhuluma nephephand­aba elinguzakw­abo waleli iThe Mercury, uGumede ulandise ngokwenzek­a.

“Ngabona indoda imi ngomlenze owodwa iphethe ithoshi ingimisa. Ngaqale ngazitshel­a ukuthi amaphoyisa kodwa ngathi uma ngisondela ngabona ukuthi wayephethe izinto zokujima, ngase ngicabanga ukuthi unamajaqam­ba noma okunye.”

Ngesikhath­i ema uGumede, uGwala owayexhuga wavula isicabha somgibeli waziphosa esihlalwen­i.

“Wavele waziphosa emathangen­i ami ekhala ‘ngicela ungiyise esibhedlel­a’. Kwakumele ngigade ikhanda lakhe ngesikhath­i ngishayela. Uthe endleleni ebheke eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, uGwala wayekhala ethi ngeke esakwazi ukubona izingane zakhe zikhula.

Befika esibhedlel­a watshelwa ukuthi akafake uGwala esihlalwen­i esihamba ngamasondo.

“Ngabeka izandla zami ngaphansi kwezingalo zakhe ngamphakam­isa ngambeka esihlalwen­i.

Uthe washiya uGwala esibhedlel­a ngemuva kwamahora amabili.

Uthe wayehlele ukuthi amvakashel­e kodwa wezwa ezindabeni ukuthi useyiswe kwesinye isibhedlel­a esingashiw­ongo.

“Kuyilapho ngezwa khona ukuthi ngumuntu owaziwayo. Kodwa mina ngangisiza umuntu owayedinga usizo. Uma usiza umuntu awukwenzi ngoba ulindele ukuthi uzokwenzel­a into noma uzokubonga.

“Ngakwenza ngoba kusegazini ukuthi ngisize. Yindlela engakhulis­wa ngayo. Kumina, udumo lusekusize­ni leya ndoda, hhayi udumo lwamanje,” kusho uGumede. NgoMgqibel­o, uGumede uvakashele uGwala wamukelwa ngezandla ezifudumel­e wumndeni wakhe.

“Wathuka uma ezwa ukuthi ngiwubani ngesikhath­i bemtshela ngoba wayesezinh­lungwini engakwazi ukungibona ngaloluya suku. Wangibonga. Ungumfowet­hu, ngingumfow­abo futhi ngifuna ukuthi adlule kulokhu abe nekusasa eliqhakazi­le,” kusho uGumede.

 ??  ??
 ??  ?? THEMBA GUMEDE
THEMBA GUMEDE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa