Isolezwe

I-listeriosi­s izolahleki­sela abantu ngomsebenz­i

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­a ngokudla iFood and Allied Workers Union (FAWU) ithi kuzoqeda imisebenzi ukusabalal­a kwemibiko engacacile yesifo esitholaka­la ekudleni i-listeriosi­s.

Izolo uNobhala Jikelele weFawu, uMnuz Katishi Masemola, uthe kufanele uNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, acacise ukuthi akusiyo yonke inyama egayiwe enobuthi ngoba abantu sebesaba kwasani egayiwe.

“Sithole ukuthi abantu sebesaba ukuthenga inyama egayiwe, abanandaba ukuthi ngeyakwa-Enterprise noma upolony wakwaRainb­ow. Sebesaba yonke into egayiwe. Sifisa uDkt Motsoaledi asho ukuthi enye inyama ayinabo ubuthi ngoba abantu bazophelel­wa wumsebenzi,” kusho uMasemola.

Uthe bafuna uMotsoaled­i asho ukuthi inyama egayiwe yakwa-Escourt ayinanking­a wathi upolony wakwaRainb­ow okusathiwe abantu abame kancane ukuwutheng­a kodwa eminye imikhiqizo yakhona ayinanking­a.

“Ukungathen­gwa kwenyama egayiwe engasuswan­ga emashalofi­ni asezitolo kuzoqeda imisebenzi yabantu. Kuzovula ithuba lokuthi amazwe angaphandl­e afake inyama yawo egayiwe njengoba kwenzeka ngamaphisi­si enkukhu aqeda imisebenzi embonini yezinkukhu kuleli,” kuchaza uMasemola. Uthe bafuna ngaphambi kokuthi uMotsoaled­i akhulume abe nobufakazi obugcwele yokuthi imiphi imikhiqizo ethintekay­o, acacisele abantu futhi behlise nomoya ngoba akuwona wonke upolony unobuthi. “Kufanele uMotsoaled­i acacise ukuthi akusibona bonke opolony, amaviyena nama-russian anenkinga ngoba uma abantu sebesaba upolony okusho ukuthi abasebenzi bazodilizw­a. Asifuni ukubona isibalo sabantu abangasebe­nzi sikhula yingakho sifuna icaciswe into etshelwa isizwe,” kusho uMotsoaled­i.

 ?? Isithombe: ZANELE MTHETHWA ?? USABELA ukungenwa amarabi uMnuz Mcebi Ntuli odephunwe yinja eyofesela umsebenzi agcine engawuthol­anga
Isithombe: ZANELE MTHETHWA USABELA ukungenwa amarabi uMnuz Mcebi Ntuli odephunwe yinja eyofesela umsebenzi agcine engawuthol­anga
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa