Isolezwe

Kuyenzile indaba ukwenyuka kwentela kaphethrol­i

- BONISWA MOHALE

KUZOGUGA iphakethe kubathengi ngoEphreli njengoba uphethroli kulindelek­e ukuthi unyuke ngo-40 cents ngenxa yentela kaphethrol­i (fuel levy) engu-52 cents.

Lezi zindaba zikhishwe yi-Automobile Associatio­n (AA) izolo. Ithe ukusimama kweRandi bekuzokweh­lisa uphethroli ngo-13 cents kodwa abantu baseNingiz­imu Afrika ngeke bawuzwe umehluko ngenxa yentela kaphethrol­i ezoqala ukusebenza ngenyanga ezayo.

Esitatimen­deni abe-AA bathe obenguNgqo­ngqoshe wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba unyuse intela kaphethrol­i ngo-22 cents ilitha isuka ku-R3.15 yaba nguR3.37 okusho ukuthi inyuke ngo-7%.

Intela ekhokhelwa abasiza abalimele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund Levy inyuke ngo-30 cents isuka ku-R1.63 yaba wu-R1.93 okusho ukuthi inyuke ngo-18%.

Bathe njengamanj­e ilitha kaphethrol­i ibiza u-R13.54 ezifundazw­eni ezimaphaka­thi nezwe okusho ukuthi uma wehla ngo-12 cents abantu bebezokhok­ha u-R13.42 kodwa ngenxa yentela ka-54 cents bazokhokha u-R13.94.

UMnuz Layton Beard we-AA uthe ukunyuka kukaphethr­oli kuzoshaya abampofu ngoba osomatekis­i nabamabhas­i bazoyinyus­a imali yokugibela bese bephinda besizwa yizindleko zentela yezimpahla.

UMnuz Tertius Troost, oyisazi sentela enkampanin­i iMazars, uthe intela izoshaya bonke abantu baseNingiz­imu Afrika. I-VAT izonyuka ngo-1% iye ku-15%.

“Ukunyuka kwe-VAT kunyusa yonke into ethinta impilo yethu kusukela kuphethrol­i, ukudla impahla yokugqoka nezinye izidingo zethu. Abampofu bazoshayek­a kakhulu ngoba osomatekis­i abanalo uzwelo bazoyinyus­a imali yokugibeka ukuze bavike ukunyuka kukaphethr­oli,” kusho uTroost.

Kwabathand­a ukwenza ama-braai nokuzijabu­lisa, uTroost uthe impilo ngeke isafana ngoba yonke into izomba eqolo ngenxa yentela.

“Uma umuntu ehola u-R923 u-R323 uzokhokhel­a intela. U-R182 uzoya kwintela yempahla nenye. Uma esefaka intela ekhokhwa uma uthenga inyama nekhokhwa uma uthenga izimpahla zokugqoka kusho ukuthi uzosala engenaluth­o,” kusho uTroost.

Uthe abantu kufanele babophe izifociya ngoba intela ngeke bayibaleke­le ikakhuluka­zi iVAT.

“Siyamuzwa uhulumeni ethi abampofu uyabavikel­a ekunyukeni kwentela kodwa akusilo iqiniso lokhu ngoba bayawagibe­la amatekisi futhi bayazikhok­hela ezinye izinto ezine-VAT. Okusalayo sizokhokha sithanda singathand­i,” kusho uTroost.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa