Isolezwe

Wesaba amarabi olunywe yinja eyofesa

- ZANELE MTHETHWA

UKHALE ngeshwa owesilisa waKwaMashu odephunwe yinja eyofesela umsebenzi agcine engawuthol­anga enkampanin­i yamaloli, eThekwini.

UMnuz Mcebi Ntuli (35) ubeyozama inhlanhla kwaSumtas Trucking e-Avoca ngoLwesibi­li ngesikhath­i elunywa yinja emlenzeni. Usabela ukuthi kungenzeka angenwe isifo samarabi njengoba engawazi umlando wenja nohlobo lwayo.

Elandisa iphephanda­ba uNtuli uthe wavukela kule nkampani ukuyozama inhlanhla yomsebenzi.

“Ngafika esangweni kuvaliwe ngakhuluma nonogada ukuthi ngizofesa. Wacela ukuthi ngilinde, wabuya esethi kuthiwa angingene ngaphakath­i. Wangivulel­a isango ngakhuluma nemenenja yangibuza ngengize ngakho yathi angiyolind­a ngaphandle. Kuthe sengiphuma kwaqhamuka izinja eziyisihla­nu, eyodwa yaqonda kimina yangibamba umlenze,” echaza.

Uthe ukhale wamemeza basondela bazomlamul­ela, inja yabaleka kodwa esegxiza igazi.

“Ngiye kulona kade ngikhuluma naye ngicabanga ukuthi uzongisiza bangiyise nasemthomp­ilo kodwa wanginika umuthi wokugcoba isilonda kuphela,” kusho uNtuli.

Uthe uphindele ekhaya kodwa ngenxa yezinhlung­u nokopha wadlulela kudokotela othe udinga umbiko nomlando wokugonywa kwenja ukuze kubonakale ukuthi ayimthelel­anga yini ngamarabi. UNtuli uphindele kule nkampani wacela imininingw­ane yenja, wanikezwa ipheshana Isolezwe elilibonil­e elibhalwe imininingw­ane yokugoma okukhomba ukuthi yagcina ngo-2016. Akubhaliwe uhlobo lwenja neminye imininingw­ane. UNtuli uvule icala esiteshini samaphoyis­a eGreenwood Park ngoLwesith­athu, waphelezel­wa amaphoyisa eyofuna izindleko zikadokote­la ngoLwesith­athu.

Yize ezitholile izindleko azikhokhel­e ubudokotel­a ngoLwesibi­li, wesabela ukungenwa amarabi njengoba abanikazi benja benqabile neminye imininingw­ane yayo.

Kuthintwa omunye wabaphathi kule nkampani uvumile ukuthi uyazi ngesigamek­o. Uthe bagqekezel­wa ngeSonto kwebiwa amakhompyu­tha, yingakho belethe izinja.

“Leyo ndoda yafika izofuna umsebenzi. Sibiyile namasango ayavalwa kodwa yona yazingenel­a esikhundle­ni sokuma ngaphandle, yase ilunywa yinja,” kusho yena.

Ebuzwa ukuthi akuyena yini unogada owavulela uNtuli, uvele wathi intatheli ayizokhulu­ma naye eduze, wagcina ngokuvala ucingo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe icala lokulunywa yinja kowesilisa obeyofesa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa