Wesaba amarabi olunywe yinja eyofesa
UKHALE ngeshwa owesilisa waKwaMashu odephunwe yinja eyofesela umsebenzi agcine engawutholanga enkampanini yamaloli, eThekwini.
UMnuz Mcebi Ntuli (35) ubeyozama inhlanhla kwaSumtas Trucking e-Avoca ngoLwesibili ngesikhathi elunywa yinja emlenzeni. Usabela ukuthi kungenzeka angenwe isifo samarabi njengoba engawazi umlando wenja nohlobo lwayo.
Elandisa iphephandaba uNtuli uthe wavukela kule nkampani ukuyozama inhlanhla yomsebenzi.
“Ngafika esangweni kuvaliwe ngakhuluma nonogada ukuthi ngizofesa. Wacela ukuthi ngilinde, wabuya esethi kuthiwa angingene ngaphakathi. Wangivulela isango ngakhuluma nemenenja yangibuza ngengize ngakho yathi angiyolinda ngaphandle. Kuthe sengiphuma kwaqhamuka izinja eziyisihlanu, eyodwa yaqonda kimina yangibamba umlenze,” echaza.
Uthe ukhale wamemeza basondela bazomlamulela, inja yabaleka kodwa esegxiza igazi.
“Ngiye kulona kade ngikhuluma naye ngicabanga ukuthi uzongisiza bangiyise nasemthompilo kodwa wanginika umuthi wokugcoba isilonda kuphela,” kusho uNtuli.
Uthe uphindele ekhaya kodwa ngenxa yezinhlungu nokopha wadlulela kudokotela othe udinga umbiko nomlando wokugonywa kwenja ukuze kubonakale ukuthi ayimthelelanga yini ngamarabi. UNtuli uphindele kule nkampani wacela imininingwane yenja, wanikezwa ipheshana Isolezwe elilibonile elibhalwe imininingwane yokugoma okukhomba ukuthi yagcina ngo-2016. Akubhaliwe uhlobo lwenja neminye imininingwane. UNtuli uvule icala esiteshini samaphoyisa eGreenwood Park ngoLwesithathu, waphelezelwa amaphoyisa eyofuna izindleko zikadokotela ngoLwesithathu.
Yize ezitholile izindleko azikhokhele ubudokotela ngoLwesibili, wesabela ukungenwa amarabi njengoba abanikazi benja benqabile neminye imininingwane yayo.
Kuthintwa omunye wabaphathi kule nkampani uvumile ukuthi uyazi ngesigameko. Uthe bagqekezelwa ngeSonto kwebiwa amakhompyutha, yingakho belethe izinja.
“Leyo ndoda yafika izofuna umsebenzi. Sibiyile namasango ayavalwa kodwa yona yazingenela esikhundleni sokuma ngaphandle, yase ilunywa yinja,” kusho yena.
Ebuzwa ukuthi akuyena yini unogada owavulela uNtuli, uvele wathi intatheli ayizokhuluma naye eduze, wagcina ngokuvala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokulunywa yinja kowesilisa obeyofesa.