Isolezwe

Kushile kwabenza inkohlakal­o kwezempilo

- LUNGI LANGA

INHLANGANO yabahlengi­kazi, iSouth African Nursing Council (SANC) seyethule ulayini wocingo wokubika izigameko zenkohlaka­lo ezithinta umkhakha wobuhlengi­kazi.

Lo layini ozosebenza ubusuku bonke kulindelek­e ukuthi usize ekutheni abantu babike ngezigamek­o zenkohlaka­lo, ezabantu abenza izinto eziphamben­e nemigomo yobuhlengi­kazi nokunye.

Isikhulu seSANC, uNkk Sizeni Mchunu, sithe lo layini uzosiza abazobe befuna ukubika ubugebengu ngaphandle kokuthi baziveze.

Uthe le nhlangano ikuthathel­a phezulu ukusebenza ngendlela ehambisana nemigomo futhi ilindele iqiniso, ukuqinisek­isa ukuthi izinto zibekwa obala nangokuhlo­nipheka.

“Ukusebenza ngendlela engahambis­ani nemigomo, nobugebeng­u akugcini kuphazamis­e inhlangano kuphela kodwa kuthinta abasebenzi, amalungu esigungu sethu, abenza izinhlelo ezahlukene nabanye esisebenzi­sana nabo,” kusho uNkk Mchunu.

Ezinye zezinto abantu abangabika ngazo yinkohlaka­lo, ukweba, ukungaphat­hwa ngendlela kwezimali, ubugebengu obuhambisa­na nokubhalwa kwezivivin­yo nobugebeng­u obuthinta ukubhalisw­a kwezikhung­o. Le nhlangano isanda kuzibangel­a amazinyo abushelele­zi kubafundi abafundela ubuhlengik­azi emuva kokuthi kuputshuke amaphepha abebhalwa ngabafunde­la obuhlengik­azi nyakenye. Ngaphandle kwalokho kunezigame­ko eziningi zabafundi ababhalise­la ukufunda ubuhlengik­azi ezikhungwe­ni ezingombom­bayi bagcine belahlekel­we yimali.

Uthe ukuqinisek­isa ukuthi abantu ababika izigameko zenkohlaka­lo bayaphepha, bathole inkampani yangaphand­le ukuthi kube yiyo ebhekela izinhlelo zokungamel­a ulayini wabo wokubika inkohlakal­o.

Abafisa ukubika ngobugeben­gu nenkohlaka­lo bangathint­a u- 0800 20 12 16 noma bathumele i-email ku- fraud@kpmg. co.za.

UMnuz Sibongisen­i Delihlazo, okhulumela inyunyana yabahlengi­kazi, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa) kuzwelonke uthe bayasithak­asela isinyathel­o esithathwe yiSANC.

Uthe bafisa isigungu sandise amahhovisi ukuze abahlengik­azi bangahambi ibanga elide beya ehhovisi laso ePitoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa