Isolezwe

Babopha umasipala ngoKhisimu­si wabadala

- CHRIS NDALISO

UMASIPALA weTheku kufanele uyochazela inkantolo ukuthi wayiqoka kanjani inkampani eyabiza kakhulu ngoR1 million uma kuqhathani­swa nezinye ukwenza uKhisimusi wabadala yase iletha ukudla okungekho sezingeni elifanele yize yayikhona inkampani eyayibiza kahle.

Umasipala uzophinde uchaze ukuthi kungani ungawulale­langa umyalelo wenkantolo wangoNovem­ba, owawuvimba ukuthi kuqhutshek­we nalolu hlelo. Lolu daba luzolalelw­a enkantolo ngoMashi 28. Ngonyaka odlule abantu abadala bakhala ngokuthi abaziswang­a kusenesikh­athi ngezinhlel­o zikaKhisim­usi wabo futhi baveza ukuthi banikwa ukudla okungekho sezingeni.

U-Advocate Alistair Beaumont, omele inkampani iBlue Crane Projects, uthe uMasipala weTheku wakhipha ithenda ngoDisemba yize inkantolo yayikhiphe umyalelo wokuthi ingakhishw­a.

“NgoNovemba 27 sathola incwadi yenkantolo evimbela uMasipala weTheku ukuthi akhiphe ithenda kaKhisimus­i wabadala. Yakucacisa ukuthi akekho umuntu ofanele ukwenza uKhisimusi wabadala nokuthi akhiphe ukudla kodwa lolu hlelo lwaqhubeka,” kusho uBeaumont.

Ithenda yanikezwa iSilo Group Holdings kodwa yamiswa ngoba kwakunencw­adi evimba ukuthi kuqhubeke uhlelo lukaKhisim­usi wabadala, umasipala wayalelwa ukuthi ukhokhe izindleko zecala.

“Yize inkantolo yayibavimb­a ukuthi baqhubeke nomsebenzi kodwa bawuziba umyalelo wayo. Ukudla kwakhishwa futhi nohlelo lwaqhubeka. Lokhu kusho ukuthi badelela inkantolo yingakho kufanele bazochaza,” kusho uBeaumont.

Uthe ikhasimend­e lakhe likhathazw­a wukuthi ukudla okwaphiwa abadala kwakungekh­o ezingeni elifanele kungenawo ngisho amakhekhe.

“Ukudla okwaphiwa abadala kwakungena­mpilo. Noma ngabe ithenda yayinikwe bani, iBlue Crane ifuna abantu abadala bathole ukudla okunomsoco futhi okusezinge­ni elifanele. Ifuna abantu abadala abathengel­wa ukudla kukaKhisim­usi ngemali yabakhokhi bentela baseThekwi­ni badle kahle ngoKhisimu­si,” kusho uBeaumont.

Uhlelo lukaKhisim­usi wabadala lunokuxoko­zela kwazise amaqembu aphikisayo ayakhala ngo-R25 million owachithwa kuthengelw­a abadala ukudla okungekho ezingeni elifanele.

Kwakulinde­leke ukuthi kuhlomule abadala abangaphez­u kuka-60 000 kumawadi angu-110 kamasipala.

Bekufanele bathole ukudla okubalwa kukho ushukela, i-rice, ubhontshis­i osethinini, itiye, ijusi, inyama yenkukhu, amabhiskid­i nempuphu.

Ngo-2016 kwavela ukuthi abadala babethenge­lwa inkukhu eshibhile yaseBrazil.

Osonkontil­eka bakhala ngokuthi kunenkohla­kalo ekukhishwe­ni kwethenda yokudla kwabadala.

Kusolwa iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ukuthi yayazi ukuthi azikho izinhlelo zokwenza uKhisimusi wabadala kodwa yaqhubeka ngenkani.

Omunye wezifazane waseBlue Crane uthe umasipala kufanele uchaze ukuthi yashonaphi imali ngoba inkampani eyathola umsebenzi yafuna uR1 million ngaphezulu okusho ukuthi yayibiza kunabo yaphinde yathenga nokudla okungekho ezingeni elifanele.

Enye inkampani iSolid Communicat­ions and Consultant­s ithe nayo ibopha umasipala ngoba awuwuhloni­phi umthetho.

UMnuz Sbu Shezi oyiNhloko esabambile ophikweni lwezoMthet­ho kuMasipala weTheku, uthe bazoqinise­kisa ukuthi umasipala uyavikelwa enkantolo.

UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela imeya uvumile ukuthi kwakunezin­gqinamba ngonyaka odlule kodwa wathi iMeya ngeke idelele inkantolo ngamabomu.

Uthe kukhona abantu abafuna ukungcolis­a igama layo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa