Babopha umasipala ngoKhisimusi wabadala
UMASIPALA weTheku kufanele uyochazela inkantolo ukuthi wayiqoka kanjani inkampani eyabiza kakhulu ngoR1 million uma kuqhathaniswa nezinye ukwenza uKhisimusi wabadala yase iletha ukudla okungekho sezingeni elifanele yize yayikhona inkampani eyayibiza kahle.
Umasipala uzophinde uchaze ukuthi kungani ungawulalelanga umyalelo wenkantolo wangoNovemba, owawuvimba ukuthi kuqhutshekwe nalolu hlelo. Lolu daba luzolalelwa enkantolo ngoMashi 28. Ngonyaka odlule abantu abadala bakhala ngokuthi abaziswanga kusenesikhathi ngezinhlelo zikaKhisimusi wabo futhi baveza ukuthi banikwa ukudla okungekho sezingeni.
U-Advocate Alistair Beaumont, omele inkampani iBlue Crane Projects, uthe uMasipala weTheku wakhipha ithenda ngoDisemba yize inkantolo yayikhiphe umyalelo wokuthi ingakhishwa.
“NgoNovemba 27 sathola incwadi yenkantolo evimbela uMasipala weTheku ukuthi akhiphe ithenda kaKhisimusi wabadala. Yakucacisa ukuthi akekho umuntu ofanele ukwenza uKhisimusi wabadala nokuthi akhiphe ukudla kodwa lolu hlelo lwaqhubeka,” kusho uBeaumont.
Ithenda yanikezwa iSilo Group Holdings kodwa yamiswa ngoba kwakunencwadi evimba ukuthi kuqhubeke uhlelo lukaKhisimusi wabadala, umasipala wayalelwa ukuthi ukhokhe izindleko zecala.
“Yize inkantolo yayibavimba ukuthi baqhubeke nomsebenzi kodwa bawuziba umyalelo wayo. Ukudla kwakhishwa futhi nohlelo lwaqhubeka. Lokhu kusho ukuthi badelela inkantolo yingakho kufanele bazochaza,” kusho uBeaumont.
Uthe ikhasimende lakhe likhathazwa wukuthi ukudla okwaphiwa abadala kwakungekho ezingeni elifanele kungenawo ngisho amakhekhe.
“Ukudla okwaphiwa abadala kwakungenampilo. Noma ngabe ithenda yayinikwe bani, iBlue Crane ifuna abantu abadala bathole ukudla okunomsoco futhi okusezingeni elifanele. Ifuna abantu abadala abathengelwa ukudla kukaKhisimusi ngemali yabakhokhi bentela baseThekwini badle kahle ngoKhisimusi,” kusho uBeaumont.
Uhlelo lukaKhisimusi wabadala lunokuxokozela kwazise amaqembu aphikisayo ayakhala ngo-R25 million owachithwa kuthengelwa abadala ukudla okungekho ezingeni elifanele.
Kwakulindeleke ukuthi kuhlomule abadala abangaphezu kuka-60 000 kumawadi angu-110 kamasipala.
Bekufanele bathole ukudla okubalwa kukho ushukela, i-rice, ubhontshisi osethinini, itiye, ijusi, inyama yenkukhu, amabhiskidi nempuphu.
Ngo-2016 kwavela ukuthi abadala babethengelwa inkukhu eshibhile yaseBrazil.
Osonkontileka bakhala ngokuthi kunenkohlakalo ekukhishweni kwethenda yokudla kwabadala.
Kusolwa iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ukuthi yayazi ukuthi azikho izinhlelo zokwenza uKhisimusi wabadala kodwa yaqhubeka ngenkani.
Omunye wezifazane waseBlue Crane uthe umasipala kufanele uchaze ukuthi yashonaphi imali ngoba inkampani eyathola umsebenzi yafuna uR1 million ngaphezulu okusho ukuthi yayibiza kunabo yaphinde yathenga nokudla okungekho ezingeni elifanele.
Enye inkampani iSolid Communications and Consultants ithe nayo ibopha umasipala ngoba awuwuhloniphi umthetho.
UMnuz Sbu Shezi oyiNhloko esabambile ophikweni lwezoMthetho kuMasipala weTheku, uthe bazoqinisekisa ukuthi umasipala uyavikelwa enkantolo.
UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela imeya uvumile ukuthi kwakunezingqinamba ngonyaka odlule kodwa wathi iMeya ngeke idelele inkantolo ngamabomu.
Uthe kukhona abantu abafuna ukungcolisa igama layo.