Kukhuthazwe abafundi ngokubhala
ABAFUNDI besikole iBrettonwood High, eThekwini, bakhuthazwe ukukhuthalela ukuba ngababhali bangadikibaliswa yibala labo elimnyama.
Lokhu kushiwo ababhali abahlukene abebesembuthanweni obuxhaswe uMasipala weTheku, ngoLwesithathu.
UDkt Deena Padayachee ongomunye wababhali bezincwadi, uthe akulona icala ukuba nebala elimnyama, ngakhoke abafundi abangavumeli ukuthiywa yimithetho eyayishaywe ngobandlululo ebukela umuntu omnyama phansi ngoba manje sesikhululekile.
“Uma ufuna ukubhala incwadi xhumana nabazali bakho ngokusizana nabanye abakulo mkhakha bese uyaqhubeka nokubhala,” kusho uPadayachee.
Ubalule izinto eziningi athe zaziyimithetho yombuso wobandlululo okwakuzanywa ngazo ukumthena amandla ngaleso sikhathi kodwa akazange adikibale.
Kubabhali ebebezokhuthaza abafundi bekukhona noMnuz Sanele Gamede obhale incwadi ethi The Graduate Pack.
UGamede uthe incwadi yakhe ikhuthaza abafundi nasebeqedile ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi bayadingeka kakhulu kodwa umbuzo osalayo uthi ngabe sebekulungele yini lokho.
Wenze isibonelo ngokuthi kuyenzeka umuntu afunde agogode kodwa uthole ukuthi iCV yakhe “ayimdayisi” ngokwezinga lemfundo yakhe ngenxa yokuswela ulwazi lokwenza lokho.
“Le ncwadi ikhuluma ngokulungiselela umuntu ofundayo nosefuna umsebenzi ukuthi akulungele lokho,” kusho yena.
Uthe incwadi yakhe iphinde ifundise ngezindlela okuyizo zokufuna umsebenzi. NgokukaGamede izinkundla zokuxhumana ngezinye zezindlela ezilula abantu okumele bazisebenzise ukufuna umsebenzi.
Uthe uphinde ahlele imibuthano lapho eluleka khona izifundiswa ngezindlela zokuthola umsebenzi.
Omunye umbhali okhuthaze abafundi emuva kokuthi naye ebhale eyakhe incwadi esihloko sithi Intimate Thoughts of a Clever Black, uNksz Mbali Gcabashe othe incwadi yakhe ikhuluma ngezinto eziningi ezithinta umphakathi, njengobandlululo.
Uthe ukhuthaza abamnyama ukuthi bangenzi sengathi banecala ngokuthi bahlale behlela ngezansi ngezinto abangazazi ezadalwa wubandlululo.
“Ngeke umuntu akushayise ngemoto kusasa kujike kube uyena othi kumele uxolise ngokushayiseka kwakho,” kusho yena.
Uthe ukucindezelwa kwabamnyama kubenze bagcina sebezifundisa ukwehlela ngezansi noma isidingo singekho.
“Bheka nje lapha e-Afrika abantu abamnyama yibona abakholwa kakhulu kodwa futhi yibona abahlupheka kakhulu. Inkinga kudunyiswa abefundisi kakhulu ngokungenasidingo,” kusho yena.