IZINKONDLO
Lokhu Kuyifa
Zindlalifa zomhlaba yith’ oNonkululeko. Zindlalifa zenkululeko, Sifunjathisiwe umakhonya wokukhululeka
TATA Madiba, ushintshe umhlaba wakhululeka,
Wawuphendul’ isiqamelo sosana, Bheka umqamelo kaDALI Usishiyelil’ ifa eliyosigqugquzel’ ukuqhakambisa Siqhakamb’isasasa Lesizikulwane somhlaba wonke.
Umhlaba wonke owawulwelayo, Uyibambe ishisa, uzikhandla Udlinza ubusuku nemini Bheka sewulala obenyoni. Ngimemezil’ ezintaben’ ukuthi ube yisibonelo Umhlaba wonke wakhanda Umland’ oyolandwa nasezinqolobaneni zomlando:
Ngizosilwela isizwe njengo TATA ezabalazela inkululeko.
Wo!! Maye endleleni yempilo yakhe.
Umhlaba wonke uyazindla ngawe
Uhambela phezulu ngawe, themba lethu
Engani ulungisile obekonakele, uhlanganise izizwe Wazenza ibumba lika simende Wasethulela uxolo , selapheka ngaphakathi Saba luthingo lweNkosazane O! TATA yiba lithongo elihle kimi, ungihawukele
Ngophahla ezinkambeni ngimemeza igama lakho
Ungikhumbule ngingene ezicathulweni zakho.
Ngingasoze ngalibala inkululeko nobumbano
Ubunye wawufisa ukubhubhela kukho.
TATA uzohlala ungumthambo wezinhliziyo zethu
Ungomunye wethu, Ungowakwethu wena
Umbuso wakho wenza izindebe zethu zichichime.
Bese ngiphezu kwentaba ngitshela izwe
Ukuba mina ngiyohlala ezinyaweni zikaTATA
Ngiyibambe iqine lapho ngikhona ngifake imfundiso kwabaningi Intsha ngiyixoxele ngawe Nesami isizukulwane siyokwazi ngawe
Maqede sizazi ngawe. Khanyi Mtshali Madiba Nqaba Ye-Africa
Ungumadida ngokudida ondlebe zikhanyilanga
Isizwe sonke sikhothama ngamadolo
Sikhumbul’ ubuqhawe bakho Madiba.
Wen’owalwel’eyesizw’ inkululeko, Uyisihluthulelo senkululeko, Uyilwile eyokuthula Wayilw’eyokulingana Madiba nqaba ye-Africa. Bambopha bethi bamgob’ inkani okaMadiba, Kant’uyinsimbi kayigotshwa, Waphum’eqondil’uNelson Rolihlahla Mandela,
Lavel’elish’igama kwabansundu.
Kwaphuma ama-born free ngo1994
Wangen’okaMadiba ephalamende
Wangena kwehl’elobuhlwempu eNingizimu ne-Africa
Wamamathek’okaMadiba eyibona inkululeko yesizwe. Madiba nqaba ye-Africa. Sasibubula ngenxa yeminjunju yokuhlupheka,
Singundabuzekwayo eNingizimu ne-Africa
Wasikhulula wena kaMadiba usinik’ intando yeningi
Wasimbathis’eyoxol’ingubo usinik’amalungelo Madiba nqaba ye-Africa. Sasiyimihambima singenaxhaso ijoka lisemahlombe
Iyisimangalis’eyakh’injongo wena kaMadiba Injobo wayithungela ebandla Madiba nqaba ye-Africa. Siyazikhumbul’ ezimnandi nezibuhlungu,
Ungenil’esibhedlel’ubuso bomzansi badumala
Uphumil’esibhedlel’ubuso boMzansi bamamatheka
Waw’umuth’omkhulu ubuso boMzansi bambath’usizi
Siyakukhumbula msunguli weleBafana Bafana.
Siyakukhumbula mqhakazisi wamaBhokobhoko.
Siyawakhumbul’ onke amagalel’ akho wena kaMadiba.
Madiba nqaba ye-Africa. Nkosingiphile Gumede