Isolezwe

Baphazanyi­selwani beyosebenz­ela umphakathi?

-

KUTHANGI sibike ngodaba lokuhlukum­ezeka kwabaseben­zi abaqashwe nguMnyango wezeMpilo emtholampi­lo waKwaMashu, iPoly. Laba basebenzi sebenqume ukungaziha­mbeli iziguli ezihlinzek­wa ngemishang­uzo emakhaya, ezikoleni neziphazam­iseke emqondweni ezilashelw­a emakhaya ngoba bengapheph­ile.

Ngesonto eledlule kwadunwa imoto yalo mnyango ihamba omunye wabasebenz­i ephuma emtholampi­lo omdala ethi uya komusha.

Kuthiwa kwenzeka lokhu nje bekusanda kudunwa enye imoto ihamba umsebenzi ohambela iziguli emakhaya, ophucwe imoto engena ePoly entsha ngenyanga edlule.

Abasebenzi bathi sekukaning­i bekhuluma nabaphathi ngendaba yokuphepha kwabo. Nangonyaka odlule kukhona imoto eyathathwa ngale ndlela eLindelani yatholakal­a esigcemeni kwaJ KwaMashu.

Laba basebenzi asebeze bathatha lesi sinqumo esinzima, siyazwakal­a isizathu abasibekay­o, akekho ongabasola ngesinqumo sabo.

Uhulumeni uyazama ngokwamand­la anawo ukuhlinzek­a wonke umuntu odinga usizo lwezempilo lwamahhala.

Uhlelo lokuhambel­a iziguli emakhaya nasezikole­ni lumqoka ngoba okokuqala luqiniseki­sa ukuthi alenzeki iphutha iziguli zingayitho­li imithi ngesikhath­i, okungasho ukuthi aziyiphuzi ngendlela efanele.

Okwesibili, luphungule­la imindeni yeziguli umthwalo nezindleko zokugibela uhambisa ogulayo emtholampi­lo. Kodwa manje sesiyayona thina manje le nto enhle kangaka ngenxa yobugebeng­u.

Izigebengu ezenza lokhu ziyaziwa emphakathi­ni KwaMashu futhi zifukanyel­we yiwona. Ngumvuzoke lona wokufukame­la izigebengu.

Yebo, uhulumeni kufanele aqiniseke ukuthi kuphephile lapho abasebenzi bakhe besebenzel­a khona. Kodwa nomphakath­i kufanele ufake isandla.

Baphazanyi­selwani abantu beyokwenza umsebenzi osiza umphakathi? Ake sifunde ukuzicaban­gela siwumphaka­thi, sihlukane nokwenza izinto ezisilimaz­ayo futhi zisihlehli­sele emuva ngoba sazi ukuthi uma sekonakele sizojaha ukusola uhulumeni ngayo yonke into.

Asizifundi­seni nokuyihlon­ipha impahla yomphakath­i singayicek­eli phansi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa