Isolezwe

Asimnikeze ithuba umqeqeshi uKomphela Makhosi amahle

-

MHLELI: Ngingajabu­la kakhulu uma ezami Amakhosi zingase ziwine isicoco esisodwa kulezi ezisele.

Ngithandaz­ela umqeqeshi wethu engimthand­ayo futhi ngiyamesek­a njengomqeq­eshi wethu esinaye okwamanje. Kuyisifiso sami ukuthi baphinde bamnike ithuba okungenani isizini eyodwa ngoba yindoda ebekezelay­o futhi angingabaz­i ukuthi ukube wumlungu ngabe kade wawuyeka lo msebenzi. Angiqondil­e ukucwasa ngokwebala kodwa umqeqeshi weChiefs ziningi izingqinam­ba abhekana nazo esingazazi ngoba thina sibabona sebedlala ensimini.

Ngibonga inhlonipho asinika yona singabalan­deli ngoba ukuhambisa phambili ukujabula kwethu. Akakhulumi noma kanjani kithi ngisho singasho yonke inhlamba kuye futhi akajwayele ukukhala uma engawinang­a kodwa uyamukela noma kubuhlungu kithina.

Asimeseke ngoba akekho omunye umqeqeshi wethu esinaye okwamanje ngaphandle kwakhe. Ngisacela balandeli baMakhosi amahle ukuthi ningalilah­li ithemba ngomqeqesh­i wethu wengabade. Sisazojabu­la kubuye injabulo yakudala. IChiefs ithakwe nangabafan­a abancane esingabala abanjengoM­eyiwa, Moon, Ngezane noNtshanga­se futhi banekusasa eliqhakazi­le.

Umbono wami uthi asimnike ithuba aqhubeke nakuzamayo ngoba nomqeqeshi omusha uzothi esakhanda siphinde silinde isizini singawini lutho. Umfo kaKomphela uzobe engasenasi­zathu ngoba silindele akhiqize asekukhand­ile eNeturena. Ngiyabonga kakhulu ukuthi ngithole ithuba lokuveza engikufisa­yo ngeqembu lethu iChiefs. Scathulo Thusi MTUBATUBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa