Omenywe ukuyocula unethemba lokuduma ekhaya
UKHOLWA wukuthi uzobuya esevulekelwe ngamathuba amaningi umsakazi wesiteshi somphakathi futhi ongumculi, omenywe ukuyoshiyelana inkundla nabanye abaculi e-United Stated of America (USA).
UPhindile Phewa (34) odume ngelikaPhindi P esiteshini samakholwa iHighway Radio, ulifulathele ngoLwesibili leli uyonandisa kwi-Africa-USA Unity Music Concert ezoba kusasa eNew York. Kule khonsathi okuhloswe ngayo ukwakha ubumbano kubaculi base-Afrika nase-USA, uPhindile uzoshiyelana inkundla nabaculi bokholo bakuleli okunguMahalia Buchanan, uXolani Mdlalose noMpho Mngomezulu.
Lo msakazi uthe kufezeka iphupho lakhe ngokuba kule khonsathi njengoba isifiso sakhe kuwukuthi umculo wakhe ufinyelele kuwo wonke amazwe. Uthe umenywe nguMfundisi Quebec Miya ongomunye wabahleli bekhonsathi.
“Kwakumele ngiye e-USA ngesikhathi iJoyous Celebration iyoqopha khona kodwa ngangaphumelela ngenxa yezinselelo. Ngijabulile ukuthi isifiso sami sokuya phesheya sesifezekile,” kuchaza uPhindi P oshayela uhlelo iMidday Experience ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nezinsuku kulo msakazo. Uthe kuyithalente lokuzalwa konke akwenzayo. Useqophe izingoma ezine ezizotholakala kumaMusic Itunes maduze. Uthe uma ebuya phesheya uzokwenza ezinye izingoma ukuze kuphelele i-albhamu. Phesheya uzovakashela amabandla ahlukene e-USA, okubalwa elikaDonnie McClurkin noHezekiah Walker nabo abangabaculi. Uthe kunamanye amakhonsathi amancane azocula kuwo bese ebuyela kuleli ngoMashi 28.
Lo msakazi okhule eMlaza, uthe yize kubonakala likhanya ikusasa lakhe emculweni kodwa ngeke akuyeke ukusakaza ngoba yikona okumvulele amathuba. Uzimisele ukwenza ezinye izifundo zokuthuthukisa ikhono lokusakaza. Ngaphandle kokusakaza nokucula, ulingisa emafilimini adlala kuMzansi Magic. Uke walingisa kwethi Isitulo nethi Owami Nami. Kunenye ezokhonjiswa maduze ethi Imbali nayo ezodlala kuMzansi Magic. Uke wacula noVashawn Mitchelle wase-USA wodumo lwengoma yokholo ethi Nobody Greater, obeqopha iCD kuleli muva nje. Uke walekelela abaculi okubalwa uThina Zungu, Pastor Ncanda noBenjamin Dube.