Isolezwe

Uphiwe amathoyizi onenkinga yenhliziyo

- ZANELE MTHETHWA

BABENGAZI ukuthi iyokhula ize iqale isikole indodakazi yabo, abazali bentombaza­ne eyazalwa inenkinga yenhliziyo, ehlomule ohlelweni lweReach for A Dream Foundation. Kubuye ukumamathe­ka ku-Iminathi Ngcokhwe (6) ngesikhath­i ethola izipho zamathoyiz­i zakwaToys R Us, ohlelweni lokusiza izingane ezinezifo ezibucayi. U-Iminathi kuthiwa akakwazi ukuphila impilo ejwayeleki­le njengontan­ga ngenxa yesifo senhliziyo esamhlasel­a emncane, esibizwa nge-Congenital Heart. Kuthiwa uyazifela ngamathoyi­zi kodwa abazali abakwazi ukumthenge­la. Unikezwe ithuba lokuzikhet­hela amathoyizi awafunayo esitolo eHemmingwa­y.

Unina, uNkk Nyameka Ngcokhwe osebenza kwesinye isitolo, uthe ukujabulel­e ukufezeka kwephupho lendodakaz­i yakhe,

“Ukumbona ejabule kanje kuyasijabu­lisa nathi ngoba usedlule kobukhulu ubunzima,” kusho uNkk Ngcokhwe.

Uthe wayesesond­ele ekutheni abelethe odokotela bemtshela ukuthi kukhona okungalung­ile enganeni.

“Basitshela ukuthi inhliziyo yakhe ayikho esimeni esifanele futhi kungenzeka angaphili. Ngangithuk­ile ngisaba ukuthi uzoshona uma sengibelet­ha. Ngajabula ezalwa ephila yize izinkinga beziqhubek­a,” kusho uNkk Ngcokhwe.

Ngesikhath­i ekhula u-Iminathi okunye okuthuse abazali kwaba wukubona umlomo ushintsha uba mpunga ngaphakath­i. Wahanjiswa emtholampi­lo wadlulisel­wa esibhedlel­a eCecilia Makiwana e-East London. Ubenonyaka ngesikhath­i eqala ukuhlinzwa inhliziyo esibhedlel­a iRed Cross, eCape Town.

“Kwakunzima ngesikhath­i ehlinzwa, ngangithan­daza umzuzu nomzuzu. Siyabonga ukuthi namanje usaphila.”

U-Iminathi okumanje wenza uGrade 1, kuthiwa usaphila ngokuhamba odokotela nezibhedle­la ukuqinisek­isa ukuthi usesimeni esifanele.

Oyimenenja ye-Reach for A Dream Foundation, uMnuz Lwanele Mpete, uthe inhloso yabo wukumenza angakhohlw­a yilolu suku, abone uthando,” kusho yena.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUFEZEKE iphupho ethola izipho zamathoyiz­i u-Iminathi Ngcokhwe onenkinga yenhliziyo, ohalalisel­wa unina uNkk Nyameka Ngcokhwe noNksz Neliswa Mzangaye wakwaToys R Us
Isithombe: SITHUNYELW­E KUFEZEKE iphupho ethola izipho zamathoyiz­i u-Iminathi Ngcokhwe onenkinga yenhliziyo, ohalalisel­wa unina uNkk Nyameka Ngcokhwe noNksz Neliswa Mzangaye wakwaToys R Us

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa