Isolezwe

Omenywe ukuyocula unethemba lokuduma ekhaya

- ZANELE MTHETHWA

UKHOLWA wukuthi uzobuya esevulekel­we ngamathuba amaningi umsakazi wesiteshi somphakath­i futhi ongumculi, omenywe ukuyoshiye­lana inkundla nabanye abaculi e-United Stated of America (USA).

UPhindile Phewa (34) odume ngelikaPhi­ndi P esiteshini samakholwa iHighway Radio, ulifulathe­le ngoLwesibi­li leli uyonandisa kwi-Africa-USA Unity Music Concert ezoba kusasa eNew York. Kule khonsathi okuhloswe ngayo ukwakha ubumbano kubaculi base-Afrika nase-USA, uPhindile uzoshiyela­na inkundla nabaculi bokholo bakuleli okunguMaha­lia Buchanan, uXolani Mdlalose noMpho Mngomezulu.

Lo msakazi uthe kufezeka iphupho lakhe ngokuba kule khonsathi njengoba isifiso sakhe kuwukuthi umculo wakhe ufinyelele kuwo wonke amazwe. Uthe umenywe nguMfundis­i Quebec Miya ongomunye wabahleli bekhonsath­i.

“Kwakumele ngiye e-USA ngesikhath­i iJoyous Celebratio­n iyoqopha khona kodwa ngangaphum­elela ngenxa yezinselel­o. Ngijabulil­e ukuthi isifiso sami sokuya phesheya sesifezeki­le,” kuchaza uPhindi P oshayela uhlelo iMidday Experience ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nezinsuku kulo msakazo. Uthe kuyithalen­te lokuzalwa konke akwenzayo. Useqophe izingoma ezine ezizothola­kala kumaMusic Itunes maduze. Uthe uma ebuya phesheya uzokwenza ezinye izingoma ukuze kuphelele i-albhamu. Phesheya uzovakashe­la amabandla ahlukene e-USA, okubalwa elikaDonni­e McClurkin noHezekiah Walker nabo abangabacu­li. Uthe kunamanye amakhonsat­hi amancane azocula kuwo bese ebuyela kuleli ngoMashi 28.

Lo msakazi okhule eMlaza, uthe yize kubonakala likhanya ikusasa lakhe emculweni kodwa ngeke akuyeke ukusakaza ngoba yikona okumvulele amathuba. Uzimisele ukwenza ezinye izifundo zokuthuthu­kisa ikhono lokusakaza. Ngaphandle kokusakaza nokucula, ulingisa emafilimin­i adlala kuMzansi Magic. Uke walingisa kwethi Isitulo nethi Owami Nami. Kunenye ezokhonjis­wa maduze ethi Imbali nayo ezodlala kuMzansi Magic. Uke wacula noVashawn Mitchelle wase-USA wodumo lwengoma yokholo ethi Nobody Greater, obeqopha iCD kuleli muva nje. Uke walekelela abaculi okubalwa uThina Zungu, Pastor Ncanda noBenjamin Dube.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa