Uphiwe amathoyizi onenkinga yenhliziyo
BABENGAZI ukuthi iyokhula ize iqale isikole indodakazi yabo, abazali bentombazane eyazalwa inenkinga yenhliziyo, ehlomule ohlelweni lweReach for A Dream Foundation. Kubuye ukumamatheka ku-Iminathi Ngcokhwe (6) ngesikhathi ethola izipho zamathoyizi zakwaToys R Us, ohlelweni lokusiza izingane ezinezifo ezibucayi. U-Iminathi kuthiwa akakwazi ukuphila impilo ejwayelekile njengontanga ngenxa yesifo senhliziyo esamhlasela emncane, esibizwa nge-Congenital Heart. Kuthiwa uyazifela ngamathoyizi kodwa abazali abakwazi ukumthengela. Unikezwe ithuba lokuzikhethela amathoyizi awafunayo esitolo eHemmingway.
Unina, uNkk Nyameka Ngcokhwe osebenza kwesinye isitolo, uthe ukujabulele ukufezeka kwephupho lendodakazi yakhe,
“Ukumbona ejabule kanje kuyasijabulisa nathi ngoba usedlule kobukhulu ubunzima,” kusho uNkk Ngcokhwe.
Uthe wayesesondele ekutheni abelethe odokotela bemtshela ukuthi kukhona okungalungile enganeni.
“Basitshela ukuthi inhliziyo yakhe ayikho esimeni esifanele futhi kungenzeka angaphili. Ngangithukile ngisaba ukuthi uzoshona uma sengibeletha. Ngajabula ezalwa ephila yize izinkinga beziqhubeka,” kusho uNkk Ngcokhwe.
Ngesikhathi ekhula u-Iminathi okunye okuthuse abazali kwaba wukubona umlomo ushintsha uba mpunga ngaphakathi. Wahanjiswa emtholampilo wadluliselwa esibhedlela eCecilia Makiwana e-East London. Ubenonyaka ngesikhathi eqala ukuhlinzwa inhliziyo esibhedlela iRed Cross, eCape Town.
“Kwakunzima ngesikhathi ehlinzwa, ngangithandaza umzuzu nomzuzu. Siyabonga ukuthi namanje usaphila.”
U-Iminathi okumanje wenza uGrade 1, kuthiwa usaphila ngokuhamba odokotela nezibhedlela ukuqinisekisa ukuthi usesimeni esifanele.
Oyimenenja ye-Reach for A Dream Foundation, uMnuz Lwanele Mpete, uthe inhloso yabo wukumenza angakhohlwa yilolu suku, abone uthando,” kusho yena.