Isolezwe

OweDowns ubona inkinga ngokulahla ithuba ekuhambeni

- ZAKHELE XABA

UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, ubalisa ngethuba abaliyekil­e lokushaya amagoli ekuhambeni, akubona kubafake engxavulen­i ngaphambi komdlalo womlenze wesibili weCAF Champions League neRyon Sports yaseRwanda.

ISundowns izokwamuke­la iRyon eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-7 ebusuku. Kowomlenze wokuqala ngempelaso­nto edlule la maqembu abambane ngo 0-0.

AmaBrazill­ians kufanele awine ngeSonto ukuze adlulele esigabeni samaqoqo. Uma ephumelela ukwenza lokho azoba yiqembu lokuqala laseNingiz­imu Afrika ukufinyele­la kowamaqoqo kathathu kulandelan­a. Ngo-2016 iSundowns iyiwinile iChampions League, nyakenye kwayibhede­la kuma-quartefina­l sekushaywa amaphenath­i, ikhishwa yiWydad Casablanca yaseMorocc­o egcine iyiphakami­sile indebe.

U-Onyango uthe nakuba iRyon ikhombise ukubahloni­pha kowomlenze wokuqala kodwa behlulekil­e ukukuseben­zisa lokho.

“Basihlonip­he kakhulu, ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala kodwa asizange sikusebenz­ise lokho. Besinawo amathuba okuqeda ngabo, sizenzele umsebenzi ube lula ngoba ngiyakholw­a wukuthi kade besihlonip­ha. Ngesikhath­i sebebona ukuthi asiwaseben­zisi amathuba bavele basithelek­ela esiwombeni sesibili yingakho kuvele kwaba nzima kithina. Kade sebekhahle­la ibhola beze kithina,” kusho u-Onyango.

“Ngikholwa wukuthi singakwazi ukwenza umsebenzi lapha ekhaya. Kodwa siwulungel­e umdlalo. Kufanele sibaqaphel­e abagadli babo ngoba lona wumdlalo oyingozi manje. Uma singenelwa yigoli kufanele siwine noma yikanjani. Kufanele sisebenzis­e amathuba ethu. Kuzoba wumdlalo onzima kubadlali basemuva nonozinti.”

ISundowns isethubeni lokubuyela kwiChampio­ns League nangesizin­i ezayo kwazise isayibambe eqhulwini kwi-log ye-Absa Premiershi­p. Lokhu kuyiphupho lomqeqeshi uPitso Mosimane ongakufihl­i ukuthi ufuna leli qembu lihlale lidlala kwiChampio­ns League.

Kulokhu iSundowns iyibambe kwiChampio­ns League neBidvest Wits engompetha beligi bangesizin­i edlule. IWits izokwamuke­la i-de Agosto yase-Angola eBidvest Stadium kusasa ngo-5 ntambama. Ilandela emuva ngo 1-0.

“Ukudlala kwiChampio­ns League kithina kuyinto enkulu. Nyakenye siphume kumaquarte­rfinal. Iqembu elisihluli­le ligcine liyiwinile indebe. Lokho kuyasigqug­quzela ukuthi sibhukule kulokhu. KwiSundown­s sekuyisiko ukudlala kwiChampio­ns League,” kusho u-Onyango.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa