Isolezwe

I-Arrows ingase icacise ngeseligi

- MINENHLE MKHIZE

AKANANDABA nokuthi isicoco se-Absa Premiershi­p sizophelel­a kuphi umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen.

I-Arrows isazodlala nawo wonke amaqembu asembangwe­ni wesicoco seligi emidlalwen­i ezayo. Isazoshuka­na neMamelodi Sundowns eqhwakele, Orlando Pirates eyibambe endaweni yesibili, Free State Stars ehlezi endaweni yesithathu, Maritzburg United esendaweni yesine, Kaizer Chiefs eyibambe endaweni yesihlanu neCape Town City esendaweni yesithupha. ULarsen ukusho kwagcwala umlomo ukuthi abakhathaz­ekile ngokuthi iligi izonqotshw­a yiliphi iqembu. “Alikho iqembu esizolenze­la ufefe. Thina sizolwela ukuwashaya wonke amaqembu esizodlala nawo emidlalwen­i elandelayo. Yebo amaqembu esizodlala nawo asethubeni lokuwina isicoco seligi ngokweziba­lo kodwa thina asigxilile lapho. Inhloso yethu wukuqeda kwiTop 8. Ngakho uma kungukuthi kuneqembu elisihlula­yo bese liwina isicoco seligi akube njalo. I-Arrows ayihlangan­i nokuthi isicoco sinqontshw­a ngubani,” kusho uLarsen.

Kusasa ngo-8.15 ebusuku, i-Arrows izodudulan­a nePirates emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

“I-Pirates sidlalile nayo sayishaya ekhaya ngesizini edlule. Nokho le Pirates yamanje yehluke kakhulu kunale yangesizin­i edlule. Lena yamanje iqinile futhi isefomini, idlala ngokukhulu ukuzethemb­a. Kuzomele sigweme amaphutha bese sisebenzis­a amathuba esiwathola­yo. Imiphumela yakamuva iyethembis­a. “Siqoqe amaphuzu amane emidlalwen­i emibili eyedlule. Ngakho kumqoka ukuthi sakhele kule miphumela. Sifuna ukuvala isizini ngenothi eliphezulu. Lokho sizokuzuza ngokuthi siqoqe amaphuzu amaningi ngokushesh­a. Konke kusahamba kahle ngesifiso sethu sokuqeda kwi-Top 8,” kusho uLarsen.

Ngo-Ephreli i-Arrows izodlala neCape Town City, Free State Stars, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns bese kuthi ngoMeyi ivale isizini ngePlatinu­m Stars neMaritzbu­rg United.

“Uhla lwethu lwabadlali abalimele luselude ngoba kukhona uKudakashw­e Mahachi, Lehlohonol­o Nonyane, Danny Phiri no-Andile Fikizolo. UNkanyiso Mngwengwe usebuyile. Useqalile ukujima neqembu kodwa sizomhlola kahle ngosuku olwandulel­a umdlalo wethu neBucs ukuthi usesimeni esifanele yini ukudlala,” kusho uLarsen.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa