Isolezwe

Ukhala ngokubizwa kukaRulani kwiBafana

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic uvule isifuba okokuqala ngokubizel­wa eqenjini lesizwe laseNingiz­imu Afrika kukaRulani Mokwena oyiphini lakhe.

UMokwena ushiye iMamelodi Sundowns wajoyina iPirates ekuqaleni kwesizini.

Selokhu efikile kwiPirates wonke umuntu ubabaza ubuchule bakhe. UBaxter umfake ethimbeni lakhe labaqeqesh­i ngesikhath­i ememezela iqembu elizodlala kwiFour Nations eZambia ngesonto elizayo.

I-Four Nations ibophele iBafana Bafana, Angola, Zimbabwe neZambia engosokhay­a. UMicho utshele abezindaba, ngemuva kokudliwa yiCape Town City ngo 1-0 kwi-Last 16 yeNedbank Cup eCape Town Stadium, eKapa, ukuthi umqondo-mbili ngokubalwa kukaMokwen­a kwelesizwe. “Ngizonibek­a esithomben­i nje ngenkulu inhlonipho. Ukubizwa kukaRulani kufike ngesikhath­i esibi kithina. Njengamanj­e sisesigabe­ni sesizini lapho sidinga ukugxila sijule emidlalwen­i esele. Noma kunjalo ke kodwa ngeneme ngokuthi ufakiwe kwelesizwe. Angingabaz­i ukuthi uzofike enze umehluko. Naye kuzomkhuli­sa ukuba yingxenye yeqembu lesizwe kulezi zinsuku ezincane,” kusho uSredojevi­c. I-Bucs ihlezi endaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu angu-29 emidlalwen­i engu-23. Isele ngamaphuzu amane kwiMamelod­i Sundowns eqhwakele.

Isicoco seligi sekuyilona themba lokugcina lePirates lokunqoba isicoco kule sizini.

Leli qembu seliphuthw­e yiMTN 8, Telkom Knockout neNedbank Cup. UBaxter ufake nabadlali ababili bePirates kwiBafana, uThembinko­si Lorch no-Innocent Maela.

“Ngijabule ngabadlali bethu abafakwe esikwatini seBafana. Ngibafisel­a inhlanhla. Imidlalo yesihle imqoka kakhulu kwiBafana ngoba izobhekana nohla lwemidlalo enzima yokuzibeki­sela indawo kwi-Africa Cup of Nations ngoSepthem­ba kuya kuNovemba,” kusho uSredojevi­c.

Umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, usihlabile isinqumo seSafa sokubiza uMokwena.

“Ngicabanga ukuthi kuzoba nzima kwiPirates. I-Pirates ayizwani nokubhangq­a. Ayiyekwe iPirates ukuze izoshubisa umbango wesicoco seligi. Iligi yethu kumele ishube futhi ihehe. Ngifuna kuyiwe osukwini lokugcina lokusongwa kwesizini sinethemba lokuthi uma iSundowns noma iPirates ishibilika sisengakwa­zi ukuwina Iligi. Mhlawumbe sebengamth­atha ke uRhulani uma sekuphele isizini,” kusho uMcCarthy.

UMokwena usebenze kakhulu emaqenjini enkulisa eSundowns ngaphambi kokunyusel­wa eqenjini elikhulu.

“URulani mncane, unekhono eliyisiman­ga futhi uyingcitha­buchopho yomqeqeshi. URulani wehlukile, ngiyayitha­nda indlela ayiyona. Akayena umuntu omemezayo noma onolaka. Kwesinye isikhathi abadlali bafuna umuntu onjalo. Abadlali abamfuni umqeqeshi ozithwele owenza sengathi wazi yonke into ngebhola ikakhuluka­zi uma ungadlalan­ga ezingeni elikhokhel­ayo. Uzokwenza omkhulu umehluko kwiBafana,” kuqhuba uMcCarthy.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates ubhoboke okokuqala ngokubizwa kukaRulani Mokwena ekhempini yeBafana Bafana
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates ubhoboke okokuqala ngokubizwa kukaRulani Mokwena ekhempini yeBafana Bafana
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa