OweDowns ubona inkinga ngokulahla ithuba ekuhambeni
UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, ubalisa ngethuba abaliyekile lokushaya amagoli ekuhambeni, akubona kubafake engxavuleni ngaphambi komdlalo womlenze wesibili weCAF Champions League neRyon Sports yaseRwanda.
ISundowns izokwamukela iRyon eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-7 ebusuku. Kowomlenze wokuqala ngempelasonto edlule la maqembu abambane ngo 0-0.
AmaBrazillians kufanele awine ngeSonto ukuze adlulele esigabeni samaqoqo. Uma ephumelela ukwenza lokho azoba yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukufinyelela kowamaqoqo kathathu kulandelana. Ngo-2016 iSundowns iyiwinile iChampions League, nyakenye kwayibhedela kuma-quartefinal sekushaywa amaphenathi, ikhishwa yiWydad Casablanca yaseMorocco egcine iyiphakamisile indebe.
U-Onyango uthe nakuba iRyon ikhombise ukubahlonipha kowomlenze wokuqala kodwa behlulekile ukukusebenzisa lokho.
“Basihloniphe kakhulu, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala kodwa asizange sikusebenzise lokho. Besinawo amathuba okuqeda ngabo, sizenzele umsebenzi ube lula ngoba ngiyakholwa wukuthi kade besihlonipha. Ngesikhathi sebebona ukuthi asiwasebenzisi amathuba bavele basithelekela esiwombeni sesibili yingakho kuvele kwaba nzima kithina. Kade sebekhahlela ibhola beze kithina,” kusho u-Onyango.
“Ngikholwa wukuthi singakwazi ukwenza umsebenzi lapha ekhaya. Kodwa siwulungele umdlalo. Kufanele sibaqaphele abagadli babo ngoba lona wumdlalo oyingozi manje. Uma singenelwa yigoli kufanele siwine noma yikanjani. Kufanele sisebenzise amathuba ethu. Kuzoba wumdlalo onzima kubadlali basemuva nonozinti.”
ISundowns isethubeni lokubuyela kwiChampions League nangesizini ezayo kwazise isayibambe eqhulwini kwi-log ye-Absa Premiership. Lokhu kuyiphupho lomqeqeshi uPitso Mosimane ongakufihli ukuthi ufuna leli qembu lihlale lidlala kwiChampions League.
Kulokhu iSundowns iyibambe kwiChampions League neBidvest Wits engompetha beligi bangesizini edlule. IWits izokwamukela i-de Agosto yase-Angola eBidvest Stadium kusasa ngo-5 ntambama. Ilandela emuva ngo 1-0.
“Ukudlala kwiChampions League kithina kuyinto enkulu. Nyakenye siphume kumaquarterfinal. Iqembu elisihlulile ligcine liyiwinile indebe. Lokho kuyasigqugquzela ukuthi sibhukule kulokhu. KwiSundowns sekuyisiko ukudlala kwiChampions League,” kusho u-Onyango.