I-Arrows ingase icacise ngeseligi
AKANANDABA nokuthi isicoco se-Absa Premiership sizophelela kuphi umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen.
I-Arrows isazodlala nawo wonke amaqembu asembangweni wesicoco seligi emidlalweni ezayo. Isazoshukana neMamelodi Sundowns eqhwakele, Orlando Pirates eyibambe endaweni yesibili, Free State Stars ehlezi endaweni yesithathu, Maritzburg United esendaweni yesine, Kaizer Chiefs eyibambe endaweni yesihlanu neCape Town City esendaweni yesithupha.
ULarsen ukusho kwagcwala umlomo ukuthi abakhathazekile ngokuthi iligi izonqotshwa yiliphi iqembu.
“Alikho iqembu esizolenzela ufefe. Thina sizolwela ukuwashaya wonke amaqembu esizodlala nawo emidlalweni elandelayo. Yebo amaqembu esizodlala nawo asethubeni lokuwina isicoco seligi ngokwezibalo kodwa thina asigxilile lapho. Inhloso yethu wukuqeda kwiTop 8. Ngakho uma kungukuthi kuneqembu elisihlulayo bese liwina isicoco seligi akube njalo. I-Arrows ayihlangani nokuthi isicoco sinqontshwa ngubani,” kusho uLarsen.
Kusasa ngo-8.15 ebusuku, i-Arrows izodudulana nePirates emdlalweni weligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“I-Pirates sidlalile nayo sayishaya ekhaya ngesizini edlule. Nokho le Pirates yamanje yehluke kakhulu kunale yangesizini edlule. Lena yamanje iqinile futhi isefomini, idlala ngokukhulu ukuzethemba. Kuzomele sigweme amaphutha bese sisebenzisa amathuba esiwatholayo. Imiphumela yakamuva iyethembisa. “Siqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili eyedlule. Ngakho kumqoka ukuthi sakhele kule miphumela. Sifuna ukuvala isizini ngenothi eliphezulu. Lokho sizokuzuza ngokuthi siqoqe amaphuzu amaningi ngokushesha. Konke kusahamba kahle ngesifiso sethu sokuqeda kwi-Top 8,” kusho uLarsen.
Ngo-Ephreli i-Arrows izodlala neCape Town City, Free State Stars, Kaizer Chiefs neMamelodi Sundowns bese kuthi ngoMeyi ivale isizini ngePlatinum Stars neMaritzburg United.
“Uhla lwethu lwabadlali abalimele luselude ngoba kukhona uKudakashwe Mahachi, Lehlohonolo Nonyane, Danny Phiri no-Andile Fikizolo. UNkanyiso Mngwengwe usebuyile. Useqalile ukujima neqembu kodwa sizomhlola kahle ngosuku olwandulela umdlalo wethu neBucs ukuthi usesimeni esifanele yini ukudlala,” kusho uLarsen.