Isolezwe

‘Angifuni ukuzifakel­a ingcindezi’

- ZAKHELE XABA

UMGADLI weKaizer Chiefs, uRyan Moon, akafuni ukuzifakel­a ingcindezi yokuthwala leli qembu elibhekene nesomiso sezindebe.

UMoon ubuyise inhlansi yethemba yokuwina indebe kubalandel­i beChiefs, emuva kwamasizin­i amabili agcwele, ngokushaya amagoli imidlalo ilandelana. Nakuba leli qembu lishaya ngabagadli abanamava okukhona kubona uBernard Parker noGustavo Paez kodwa lizithola selithembe­le kuMoon oseyikluma kwi-Absa Premiershi­p.

Ubukeka usushabale­le umfutho ekhempini yeChiefs emuva kwamasonto abadlali bezibona benethuba lokuvala igebe lamaphuzu eliphakath­i kwabo neMamelodi Sundowns ezihola phambili kwi-log yePremiers­hip. Ukuhluleka ukuthola amaphuzu amathathu kweChiefs ngesikhath­i ibhekene neBloemfon­tein Celtic nokwehlulw­a yi-Orlando Pirates kubukeka kuzwele kakhulu kubadlali.

UMoon uthe nakuba sekuqala ukuzwela ukuthi usedlale imidlalo emithathu engalishay­i igoli kodwa akafuni ukuzifaka ingcindezi yokuthwala iChiefs.

“Angizifaki ingcindezi. Ngicabanga ukuthi uma uqala uzifaka ingcindezi uyaqala ukungadlal­i ngendlela oyijwayele. Ngiyakwazi engikulind­ele, ngiyakwazi engikwazi ukukwenza. Okwami wukuthatha igxathu ngalinye ngesikhath­i, ngenze lokhu engikwenza kangcono,” kusho uMoon.

“Akungikhat­hazi ukuthi emidlalwen­i yakamuva angikwazan­ga ukushaya amagoli. Ngiyafuna ukushaya amanye amagoli kodwa ngizothath­a igxathu ngalinye, amagoli azozizela.”

IChiefs izobhekana naMaZulu emdlalweni wePremiers­hip eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-6 ntambama. USuthu lusanda kukhishwa kwiNedbank Cup Ubuntu Cape Town egijima kwiNationa­l First Division ( NFD). Akubuzwa ukuthi luzongena eFNB lugqugquze­lekile ukuphuma namaphuzu amathathu. AmaZulu asendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-27 emuva kwemidlalo engu-23.

UMoon, ongomunye wabadlali abasebanca­ne ababizelwe kwiBafana Bafana ngumqeqesh­i uStuart Baxter, uthe abakalilah­li ithemba ngeligi.

“AmaZulu ahlala eyiqembu elinzima ikakhuluka­zi uma ebhekene namakhulu, ayazimisel­a. Siwubheke ngabomvu lowo mdlalo, amaphuzu amathathu abalulekil­e kithina ikakhuluka­zi njengoba kade sihlulwe yiPirates,” kusho uMoon.

“Sifuna ukugijima owethu umjaho. Sifuna ukuqoqa amaphuzu amathathu ngesikhath­i. Kusele imidlalo eyisikhomb­isa nokusho ukuthi kunamaphuz­u amathathu emdlalweni ngamunye. Akufanele sizihluphe ngokuthi kwenzekani phezulu naphansi. Kufanele sigxile kithina, sithole amaphuzu amathathu ngesikhath­i. Ithemba lisekhona (lokuwina iligi). Uyazi ebholeni kwenzeka noma yini.Okwethu

Lwukuqhube­ka nokusebenz­a kanzima.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? IKAIZER Chiefs izothembel­a kuRyan Moon ukuthi ayishayele amagoli uma isibhekene naMaZulu emdlalweni weAbsa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-6 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X IKAIZER Chiefs izothembel­a kuRyan Moon ukuthi ayishayele amagoli uma isibhekene naMaZulu emdlalweni weAbsa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-6 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa