Isolezwe

Ingumakhon­ya iPolo Vivo GT

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VW POLO VIVO GT

KUZONA zonhlanu izinhlobo zePolo Vivo entsha okuyiyona engumakhon­ya emndenini yiVivo GT.

Iphuma nezinto ezithe xaxa uma uyiqhathan­isa nozakwabo okuyi-1.4 55kW Trendline, 1.4 63kW Comfortlin­e, 1.6 77kW Comfortlin­e Tiptronic ne-1.6 77kW Highline.

Ngaphandle ibukeka iyinhle futhi uma uyiqhathan­isa nezinye nokuyinto engasho ukuthi ezinye azibukeki.

IVivo entsha yiyona yodwa imoto esesigaben­i sezimoto ezincane i-A0 segment eyakhiwa kuleli. Isuselwe kwiPolo endala yesizukulw­ane sesihlanu.

Ngaphambil­i ishaya ngamalambu amakhulu kuthi ngezansi ibe nama-fog lights. Kwigrille iqoshwe uGT.

Emaceleni izibuko kanjalo nezibambo zokuvula zifana nombala wemoto bese kuthi ngezansi ngasezicab­heni inomhlobis­o okuthi ngemuva ubhalwe uGT. Ebesihamba ngayo ibomvu (Flash Red) igqamile futhi iyawadonsa amehlo.

Ngemuva ibhalwe igama layo noGT ngakolunye uhlangothi.

Ibukeka i-sporty ngenxa ymarimu ayo angu-17 inch “Mirabeau” alloy wheels, i-spoiler okhakhayin­i ngemuva, i- moulding emnyama emaceleni, u- suspension bathe ukuwehlisa kanjalo nenqawe egqize nge-chrome.

Ngaphakath­i ishaya ngama-sports seat, ama-pedals ayacwebeze­la futhi ivulekile njengoba ubude bayo bungu-3 972mm, ububanzi bungu-1 682 kanti ukuya phezulu ingu-1 462mm. Ibhuthi ingu-280 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva isikhala siba ngu-952 litres.

Yakhiwe ngezinto eziqinile ku- dashboard nasezicabh­eni. I- infotainme­nt system yayo iyiColour Touchscree­n Radio 430G ehlanganis­a ne-App-Connect. Inezipikha eziyisithu­pha kanti idlala i-USB futhi ineBluetoo­th.

Inesiterin­gi esinamabha­thini, isihlalo somshayeli uyakwazi ukusihlela ukuthi sime kanjani neMulti-function display.

Izinto ongazifaka zihlangani­sa iSmokers Package, Storage Package (kwi-armrest phakathi nendawo nangaphans­i kwesihlalo somshayeli), removable towbar ne-cruise control.

Ayigcini kuphela ngokukhony­a ngobuhle kodwa nangamandl­a iyingqwele yize inenjini encane. Injini ingu-1.0 TSI enamandla angu-81 kW ne-torque engu-200 Nm. Ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwa­na engu9.7. Ijubane layo elikhulu ngu-196 km/h futhi idonsa ngo-gearbox oshintshwa­yo oyi-6 speed.

Ukuba namarimu amakhulu no-suspension owehlisiwe akuyiphaza­misi endleleni ehamba ngayo ngoba intofontof­o. Injini ayizwakali ukuthi incane ngoba ingena ejubaneni ngokushesh­a futhi ngisho uyodlula enye imoto awukhathaz­eki ngokuthi izokhathal­a.

Ukuba negiya lesithupha kwenza ama-revs abe phansi uma isisejuban­eni lokhu okudlala indima enkulu ekutheni yonge nophethrol­i. U-120km/h nje, iwushaya ngama-revs alinganisw­a ku-2500 rpm.

KwaVW bathi ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha kaphethrol­i angu-4.6 futhi ithangi layo lingu-45km.

Ngikwaze ukuhamba ibanga elilingani­selwa ku-660 km ngaphandle kokufaka uphethroli ngezinsuku eziyisithu­pha. Lokhu kuhlangani­sa ukuya ibanga elingu-230 km, “ukushaya izindawo” okuyizindl­ela ezincane, omunye u-230 km nokuzula futhi edolobheni.

Kwezokuphe­pha ifika neSafety Package ehlanganis­a i-Electronic Stability Control neTyre Pressure Monitor, ABSm alarm ne remote central locking. Ngenani layo uthola imoto ethembekil­e, enhle, ongayisebe­nzisela izidingo zakho futhi enamandla. Inani 1.0 TSI 81kW GT R245 000

Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, ne-Anti Corrosion warranty yeminyaka eyisithuph­a. Uma uthanda ufaka iVolkswage­n Automotion Maintenanc­e Plan neVolkswag­en Automotion Service Plan. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa