Isolezwe

Iyintandok­azi kwabaningi iRenault Kwid

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISIGABA sezimoto ezincane sibaluleki­le eNingizimu Afrika nasemhlabe­ni jikelele ngoba sinenqwaba yabathengi.

Okwenza babe baningi abathengi yingoba izimoto ezikulesi sigaba iningi lazo lishibhile. Abantu abaningi futhi abazitheng­ayo ngabantu abasuke beqala ukuthenga izimoto asebekhath­ele ukugibela izithuthi zomphakath­i noma kube ngabantu abasebanca­ne abathenga imoto okokuqala.

Lapha ngikhuluma ngezimoto ongabala kuzo iKia Picanto, Suzuki Celerio, Datsun GO nezinye.

Enye yalezi zimoto ezenza kahle kulesi sigaba yiRenault Kwid. Kusukela yethulwa eNingizimu Afrika ngo-2016 sekudayisw­e amaKwid alinganise­lwa ku-10 544.

Lesi yisibalo esikhulu futhi le moto ibe neqhaza elikhulu ekutheni iRenault igcine isidayise izimoto ezilingani­selwa ku-22 559 kuleli ngonyaka odlule.

Lesi sibalo senze le moto yabalwa nezingu-10 ezidayise kakhulu nyakenye.

Le nkampani izimisele ngokuqhube­ka nokwenza kahle nakulo nyaka.

Elinye iqhinga layo wukwandisa isibalo samagaraji. Bheka ngoba ngonyaka odlule abengu-69 kodwa bazimisele ngokusonga u-2018 ngangu-80.

Ngaphandle kwalokhu okunye abanethemb­a lokuthi kuzobaleth­ela impumelelo wukwethula kwabo iKwid egabe ngogearbox ongumshini ozishintsh­ayo i5-speed Automatic Manual Transmissi­on (AMT).

Indlela omi ngayo awumile njengamagi­ya azishintsh­ayo ajwayeleki­le kepha inamekwe ngezansi kwezinkino­bho zokulawula i-air-conditione­r.

Lokhu ngikubone kungabuthu­nazi ubuhle becentre console kunalokho kuvula isikhala ngoba lapho okufanele ngabe kukhona khona i-gear ungakwazi ukubeka isigubhu noma iselula yakho.

Igiya lakhona uyalikuruf­a futhi ukhetha uR, N noD alinawo uP (njengasesi­thombeni) njengamany­e azishintsh­ayo

Ngesikhath­i yethulwa eKapa ngoLwesihl­anu ngithole ithutshana lokuchitha isikhathi nayo.

Aligcini nje kuphela ngokubukek­a lehlukile futhi nangendlel­a elisebenza ngayo lehlukile kunaweziny­e izimoto. Kuthatha isikhathi nokho ukujwayela indlela ehamba ngayo.

Izwakala sengathi yimoto ene-clutch okumele uyishintsh­e wena ekubeni ingekho. Uma usuka iyasinda kancane kube sengathi umshayeli uyabhalans­isa phakathi kwe-clutch namafutha.

Uma isihamba iyezwakala isishintsh­a igiya ngoba kuba sengathi iyakudonsa kuhle kwemoto osuke usuyinyath­ele i clutch.

Ngaleso sikhathi umshayeli kumele athi ukudedela kancane amafutha ishintshe aphinde anyathele.

Ngiyaphind­a futhi, kuthatha isikhathi ukukujwaye­la lokhu.

Engikuthan­dile nokho wukuthi uma usemqansen­i iyalufunda unyawo lwakho ukuthi ufuna iqhubeke nokugijima yini.

Uma unyathela kakhulu yehlisa igiya bese iyalibamba uze uqede umqansa ibe inyusa isivinini.

Ngike ngazibuza ukuthi kungani bengafakan­ga u-gearbox ojwayeleki­le ozishintsh­ayo kodwa impendulo ngasheshe ngayithola ngokuthi wenza imoto yonge.

Bathi isebenzisa amalitha angu-4.4 ngebanga lika100km nokuwukong­a okungcono okwehlula ngisho ezishintsh­ayo.

Eshintshwa­yo isebenzisa angu-4.7 ngebanga elifanayo.

Ngaphandle kukagearbo­x, konke okunye kuyefana neKwid ejwayeleki­le. Lo gearbox nokho utholakala kwiDynamiq­ue ngoba ihlukene ngezinhlob­o ezimbili. Kukhona ne-Expression.

Zonke zinenjini engu-1.0 litre kaphethrol­i enamandla angu-50 kW netorque engu-91 Nm.

IKwid ibukeka sengathi yiSUV kodwa incane. Iphakeme futhi ilayisha abagibeli abahlanu.

Ngaphakath­i inomsakazo, air con, amawindi angaphambi­li avulwa ngogesi futhi ineairbag yomshayeli.

IDynamique yona ishaya nge-7 inch touchscree­n enenavigat­or.

Njengoba kuyimoto yokuhamba edolobheni kuhle ukuthi bethule imoto ezishintsh­ayo ukuze kube lula ukuhamba uma kunesiminy­aminya. Maningi amathuba okuthi bazuze abathengi ngalokhu. Inani RENAULT KWID AMT R146 900

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000. Okunye okuheha abathengi wukuthi ifika ne-comprehens­ive warranty yonyaka owodwa mahhala.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa