Isolezwe

Izimoto ezeyamanis­wa nabathile

-

NGIYAKHULE­KA kinina bathandi bale nto yokushaya ama-hazard. Kulezi zinsuku ngisanda kubona ukwethulwa kweVW Polo entsha kwaqedwa ngendala. Kudlule amasonto amabili kwethulwa iPolo Vivo entsha noma angithi endala ngomzimba esikhundle­ni salena ejwayeleki­le.

Sekungenze­ka udideke uma ucabanga ukuthi wazi umehluko phakathi kweVivo nePolo ewungqo kodwa uzojwayela. Uma ukhumbula kahle uzongivume­la uma ngithi iVivo yethulwe ngesikhath­i abakwa VW beqeda ngeGolf 1 ebisidonse kusukela ngeminyaka ka-1970 yaze kweka-2000. I Golf 1 yaba yiCTI, CITI, Life, Chicco, Rox, Velocity njalo-njalo. Nokho angiqondil­e ukugxila emlandweni wale moto ebidume ngokuba eyabafana abancane, wukuthi nje ngenza isibonelo esiyisendl­alelo sengxoxo yethu namuhla.

Abashayeli bamaGolf bazongivum­ela ukuthi bayabuthwa­la ubunzima emehlweni omphakathi nawomtheth­o. Laba bashayeli basosizini olulodwa nabashayel­i bamaPolo nama VR6. Kunjalo nje nabama BMW E30 (Gusheshe) nama BMW E36 (Dolphin) babizwa ngamasela bonke. Ngingasayi­phathi-ke uma ike yatonwa noma yaba nenjini ethe xaxa njengo 323i nama IS kuya phezulu. Kuze kuthiwe yimoto yamasela.

Abama Toyota Hilux (hips noma ingulube) ngisho nama VVTi kuvele kuthiwe yimoto yosomateki­si. Angiphathi-ke uma ithe ukuhlotshi­swa yagqoka i-wheel cap eyafika neToyota Hi-Ace GLX yangasekup­heleni kweminyaka ka-1980 lawa abizwa ngo ’87 ivele igcwale incwadi. Uma ungake uhambe ngeToyota Cressida (ikhona) kuvele kuthiwe yimoto yezinkabi, ikakhuluka­zi uma kuzoba yiGLi6, 2.8 noma 3.0 litre.

Uma uqhamuka ngo Chev 4.1 noma uCommodore kuthiwa wubhuti osebenza eGoli noma ngabe lithini ipuleti. Ake ngikulethe kwezamanje izimoto. Uma ubonakala uhamba ngengqovun­gqovu ye Ford Ranger noma iRange Rover Sport esezingeni elicokeme kuvele kuthiwe unamathend­a.

Ngokunjalo namaGolf 6 no 7 ikakhuluka­zi lawa angomagaba ngejubane njengeGTI noR (vruu-phah) kuye kuthiwe wubhuti wamathenda. Nawo amathenda ayashiyana ngamazinga. Uma ungake uqhamuke ngeMassera­ti, Lamborghin­i, Ferrari, Mercedes G Class bese iba yi AMG noma BMW 4 Series noma M Sport nezinye, kuvele kuthiwe amathenda omgunyathi.

Uma ubonakala ungowesifa­zane uhamba ngalezi zimoto kuvele kuthiwe yimoto obusiswe ngayo yiBlessa lakho noma akuyona eyakho eyendoda thizeni enemali, ngoba akuvumi abantu bakwamukel­e ukuthi ingane yabantu isebenza kanzima. Zikhona futhi izimoto ezeyamanis­wa nosizi. Uma uqhamuka nge-Opel Corsa kuthiwa yimoto yongoqo, uma kuzoba yiCorsa Lite kuthiwe wayithenge­lwa ngabazali ukuze uye ngayo esikoleni.

Uma ungumfana uqhamuka ngeKia Picanto noma ngeFord Figo kumbe iDodge Caliber kuye kuthiwe yimoto yentombi noma kamama wakho. Kukhona owangitshe­la ukuthi amaLexus IS250 abizwa ngokuthi yizimoto zamaCharte­red Accountant­s. Ziningi ezinye izimoto esingaziba­langa lana ezeyamanis­wa nohlobo oluthile lwabantu. Kukhona ngisho okuthiwa wumzamo kathisha, ezinye zeyamanisw­a nesimilo somnikazi. Singama hazard sike saxoxa nabakhiqiz­i nabadayisi bezimoto ezithile. Phakathi kwabo sakhuluma noMnuz Mongezi Tembe ophethe igatsha lakwaBMW SMG eThekwini kuSomtsewu Road.

Uthe ayikho imoto eyakhelwa ubulili obuthize noma isimilo esithize kodwa kuyenzeka zakhelwe impilo yomuntu nomuntu hhayi ngokubheka ubugebengu noma ukuziphath­a kahle kwakhe kodwa ngokubheka ukuthi unomndeni noma uyimpohlo.

Babheka ukuthi uhola kangakanan­i, ukuthi izindawo ozihambayo zingaba njani nokuthi udinga imoto enkulu noma encane. Kuyenzeka uthole umuntu ongahlanga­nise lutho nobugebeng­u ahambe ngemoto okuthiwa ngeyezigeb­engu. Kuyenzeka uthole umuntu ongahlanga­nise lutho namatekisi kodwa ehamba ngemoto ebukwa njengeyoso­matekisi.

Ngakho singabajaj­i ngezimoto abantu ngoba kungenzeka sishaye phansi kushunqe uthuli. Mina ngiyazitha­ndela izimoto zakudala ezinamandl­a ezidonsa ngezihleke­hleke zezinjini o V6 no V8 ikakhuluka­zi ezakwa Chev, Ford, Jaguar nezinye. Uma uyibona ngiyipakil­e ungalinge ucabange ngeyekhehl­a lomlungu ngoba ubona ukuthi yinsobonso­bo yeminyaka ka-1960, uzodidisek­a. Ukuhamba ngemoto kusuka othandweni hhayi kangako esimilweni somshayeli.

Ungalinge udidiseke ngosisi abahamba ngama KIA Rio namaRenaul­t Cleo ucabange ukuthi bathanda uphuzo oludakayo namanjeza abantu ngoba baningi esibaziyo abangenand­aba nezinkamba noma amanjeza abantu.

Nabomtheth­o abangaphum­i iqhuzu namaPolo ngoba bethi ahamba amasela ekhadi nawezimoto kanti akuhlele kunjalo. Kunehlaya elenziwa ngabantu lokuthi uma ufica ingozi yomgwaqo kukhona iPolo, ngowePolo osephuthen­i, noma ufika kungekho Polo engozini yazi ukuthi baphazanyi­swe yiPolo ehambile yangama kwasala kwenzeka ingozi, yiphutha lelo esilibhebh­ethekisayo.

Hhayi-ke ngiyethemb­a ukuthi onamehlo ufundile wezwa, ngakho-ke sesingawav­ala lapha okwamanje ama hazard ethu sibuyele emgwaqweni sipheze ukwahlulel­a abantu. Asishayele ngokupheph­a nokubuswa yimithetho yezomgwaqo yakuleli noma ngabe imoto ivuma noma ingavumi ukuze sihlangane siphilile nangesonto elizayo kuyo le nkundla.

Uma ufisa ukuthi sixoxe yenza njengoba benza abanye, ngena kwiFaceboo­k ethi Igedlela lami with Sthembiso Shangase sixoxe noma yingani ethinta izimoto. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa