Isolezwe

Kubatshazw­a ubunzima obuza nentela iVAT

- BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zidonse ngendlebe abantu ukuthi babophe izifociya ngoba kuzoshuba njengoba sekuzozwak­ala ukunyuka kwentengo ekhokhwa uma uthenga impahla, iValue Added Tax (VAT) enyuke ngo-1% isuka ku-14% yaya ku-15%.

UMnuz Jason Urbach oyisazi somnotho kwiFree Market Foundation, uthe ukunyuka kweVAT kuzoshubis­a ngoba kuzozwela kuwo wonke umuntu.

“Abantu kufanele babophe izifociya ngoba intela izobaphili­sa kabuhlungu. Abampofu bazoyikhok­ha iVAT ngoba akudliwa impuphu kuphela kodwa bayayidla inyama nokunye okuningi. Bazokhokha kakhulu noma begibela ngoba ukunyuka kwentela kaphethrol­i kusho ukuthi osomatekis­i bazonyusa imali yokugibela, ukuze benze inzuzo,” kusho u-Urbach.

UNobhala weCosatu KwaZuluNat­al uMnuz Edwin Mkhize, uthe namhlanje bazoqhinqa ngaphandle kwamahhovi­si oMnyango wezeziMali eMgungundl­ovu, emgwaqweni uChief Albert Luthuli ngoba bafuna yehliswe iVAT.

“Silindele ukuthi uhulumeni wethu njengoba ehlale ethi uyabalalel­a abantu, asilalele ayehlise iVAT ngoba ihlukumeza wonke umuntu. Yebo kukhona ukudla okuthiwa uma ukuthenga ngeke uyikhokhe iVAT kodwa lokhu akuwususi umthwalo emahlombe abantu. Sifuna uhulumeni ayehlise iVAT,” kusho uMkhize.

Uthe banethemba lokuthi uhulumeni uzoyehlisa iVAT ngoba umkhankaso wabo wokuthi yehle uyaqhubeka.

UMengameli weCosatu, uMnuz Sdumo Dlamini uthe baxoxe nobuholi be-ANC ngodaba lweVAT kodwa bebengakax­oxi noMnyango wezeziMali. Uthe sebeqalile ukumasha ngoba bafuna ukuthumela umyalezo ocacile wokuthi abahambisa­ni nokunyuka kweVAT. Khona manjalo inkampani ekhiqiza ukudla iWillowton Group, iveze ukuthi ngeke iyinyuse iVAT ngo-Ephreli, Meyi nangoJuni ukuze ivikele abathengi.

Isikhulu esiphezulu seWillowto­n Group, uMnuz Zubeir Moosa sithe bayazi ukuthi iVAT izoshubise­la abathengi yingakho bekhethe ukungayiny­usi kuyo yonke imikhiqizo yabo okungenani izinyanga ezintathu.

“Sicela nezinye izinkampan­i zingayinyu­si iVAT izinyanga ezimbalwa, ukuze abathengi bangathwal­i kanzima,” kunxusa uMoosa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa