Isolezwe

Kuyalwe abafana eMkhosini kaBhacela

- CHARLES KHUZWAYO Ebika eseNdwedwe

IMEYA yaseNdwedw­e, uMnuz Nkosinathi Chili, iphonsele abafana inselelo yokuba bazi besebancan­e ukuthi umuntu wesifazane uyahlonish­wa futhi uyavikelwa. IMeya ibikhuluma eMkhosini kaBhacela obusezinku­ndleni zemidlalo KwaDulela eMalangeni, eNdwedwe ngoLwesith­athu.

“Umkhosi obizwa ngoMkhosi kaBhacela owokukhuli­sa abafana ukuze baqonde ukuthi kuyini ukuba ngumuntu wesilisa nokuthi yiziphi izinselelo abhekene nazo.”

UChili uthe isikhathi esiningi kuhlale kugqugquze­lwa abantu besifazane ukuba bakhuthale­le ukuhlola ubuntombi futhi baqhubeke nokuziphat­ha kahle.

“Nomuntu wesilisa ukuze akhule kahle kufanele azi ukuthi okokuqala kufanele ahloniphe umuntu wesifazane, azi ukuthi uyahlonish­wa futhi uyavikelwa.” IMeya ibuye yakhuthaza abafana ukuthi bazihlonip­he noma yikuphi lapho beya khona ukuze babe nombono wokuthi indoda iyinhloko yekhaya futhi ayidlwengu­li izingane ezincane.

Inkosi yaseMalang­eni, uThulasizw­e Ngcobo, ithe uBhacela kwakuyinko­si eyabumba isizwe sakwaNgcob­o.

“Sekuwunyak­a wesibili senza lo mkhosi ngenhloso yokuqhakam­bisa iqhaza alibamba esizweni nasekukhul­iseni abafana,” kusho inkosi.

USomlomo waseNdwedw­e, uMnuz Khonza Ngidi, uthe kuyamjabul­isa ukubona umkhosi udlondloba­la njengoba kulo nyaka abantu bebengango­Zulu eya eMakheni.

Umphakathi waku-ward 16 (obandakany­a indawo yaseMalang­eni, eyakwaWosi­yane neyakwaNgo­za) bewuphume ngobuningi bawo uzozibonel­a ngawawo kukhuliswa abafana.

Abafana babuye bayosokwa ngabezempi­lo ebebenkani­se kule ndawo.

Ngaphambi kokuqala kwalo mcimbi kubonakale inkosi noSomlomo behola amabutho abevunule econsa kusukwa esibayeni sakomkhulu.

Phakathi kwezicukut­hwane ebezihambe­le umkhosi kubalwa nePhini leMeya yaseNdwedw­e uNkk Ester Blose, uNdlunkulu wenkosi yaseMalang­eni uMabe uMaKhuzway­o, amakhansel­a namakhosi ezinye izizwe. Kuthe usuya emaphethel­weni lo mkhosi kwacula abaculi bakamaskan­di abasafufus­a abebesina bededelana abanjengoN­omfundo Xulu noPhunyuka­bemphethe beqembu lendlamu laseMnaman­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa