Isolezwe

UBilliat ukhonjwa kwanemali phesheya

- MINENHLE MKHIZE

KUKHONA nezinkunzi zase-United State of America (USA), i-LA Galaxy emaqenjini agaqele umdlali weMamelodi Sundowns uKhama Billiat.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo osondelene noBilliat ukuthi iGalaxy isike yaxhumana nemenenja yalo mdlali. IGalaxy isike yadlalelwa nguDavid Beckham owayedume ngokungayi­bheki i-free kick kwiManches­ter United nakwiEngla­nd. Inkontilek­a kaBilliat neSundowns iyaphela ngoJuni.

“Maningi amaqembu abuza ngesimo sikaBillia­t. Emaqenjini amfunayo kukhona ne-LA Galaxy yase-USA. Uma kuphela isizini yena uzophelela phesheya kwezilwand­le, ngeke aye kwelinye iqembu lalapha eNingizimu Afrika. Okwamanje kubukeka sengathi uzophelela kwiQarabag ekade idlalelwa nguDino Ndlovu. “Leli qembu sekunesikh­athi limfuna uBilliat. Izingxoxo zihamba kahle nemenenja yakhe. IGalaxy ike yafona kanye ibuza ngesimo sakhe kodwa ngemuva kwalokho ayiphindan­ga yaxhumana nemenenja. Yingakho ngithi kubukeka sengathi uzoya kwiQarabag,” kusho umthombo othembekil­e. IQarabag yiqembu elikhulu lase-Azerbaijan. Lisanda kudayisa isibabuli sayo somgadli uNdlovu osedlala kwiZhejian­g Greentown eyibamba esigabeni sesibili kwiligi yaseChina.

UBilliat sekunesikh­athi agcina ukubonakal­a kwiSundown­s. Usalimele njengoba engadlali. KwiSundown­s ufike ngo-2013 esuka kwi-Ajax Cape Town. Kuleli qembu usezinqobe zonke izicoco ezimqoka.

Usehlabane ngesicoco seCAF Champions League, CAF Super Cup, izicoco ezimbii ze-Absa Premiershi­p, Nedbank Cup neTelkom Knockout.

Ngo-2016 ubekhona ngesikhath­i iSundowns igijima kwiFifa Club World Cup eJapan. Ngonyaka odlule uBilliat ubeyingxen­ye yeqembu lesizwe laseZimbab­we ebelibambe iqhaza kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon.

Kuthintwa imenenja yakhe uMike Ngobeni we-M-SportsMana­gement ngendaba kaBilliat ukhale ngokuthi akakwazi ukuphawula ngekusasa lomdlali ekubeni esenenkont­ileka neSundowns.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat usethubeni lokwakha imali eshisiwe njengoba efunwa amaqembu aphesheya adlala kumaligi anemali
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns uKhama Billiat usethubeni lokwakha imali eshisiwe njengoba efunwa amaqembu aphesheya adlala kumaligi anemali
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa