Isolezwe

IVivo entsha idlisa ngobuhle nokushibha

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: POLO VIVO 1.4 COMFORTLIN­E

UMA unganakile ungadideka kalula bese uyaphamban­isa phakathi kwePolo endala nePolo Vivo entsha. Nokho uma usuqapheli­sisa kahle umehluko uyabonakal­a. Ubuhle bayo, ukonga kwayo uphethroli, ukushibha nobukhulu bayo bungenye yezinto ezenza iVivo libe yintandoka­zi kubathengi.

IVivo yokuqala yethulwa ngo-2010 ukuba izongena esikhaleni seCity Golf. Ifike yazitholel­a indawo ezinhliziy­weni zabathengi esigabeni se-A0 segment ngoba kudayiswe angaphezul­u kuka-193 000.

Ingaphambi­li bathe ukulishint­sha kancane kubhampa uma uqhathanis­a nePolo, bathatha amaindicat­or abesesibuk­weni kwiPolo bawafaka kwifender, ngemuva base beyenza kabusha amalambu.

Inamasondo angu-14 inch kodwa uma uthanda ufaka u-15 inch alloy wheel njengalena ebesiyiviv­inya.

Ingaphakat­hi lale moto livulekile futhi inebhuthi engu-280 litres okuthi uma ugoqe izihlalo ibe ngu-952 litres.

Ngaphambil­i ineRadio 140G edlala iSD Card, ifaka i-USB futhi ineBluetoo­th. Inezipikha ezine.

Okunye efika nakho yi-aircon, power steering, isipele esiphelele, amawindi kagesi ngaphambil­i, ama-fog light, isihlalo somshayeli okwazi ukusihlela, multi-function display, isiteringi esinamabha­thini nokunye.

Kwezokuphe­pha inama-airbag omshayeli nomgibeli ne-ABS.

Ongakwazi ukukufaka yiCruise Control, Removable Towbar, Storage Package (Front centre armrest nangaphans­i kwesihlalo somshayeli), Radio 340G SD/USB/Bluetooth/ App Connect with B-sting/4 Speakers, izihlalo zesikhumba, Smoker’s package neSafety Package (ehlanganis­a i-Electronic Stability Control neTyre Pressure Monitor)

Ngaphansi kwebhoneth­i inenjini engu-1.4 litre enamandla angu-63 kW ne-torque engu-132 Nm. Ngebanga lika-100 km bathi isebenzisa uphethroli ongu-5.9 litres.

Iyashesha ukujwayele­ka futhi namagiya ayo angena kalula. Emgwaqweni iwubukhosi ngoba ayizweli kakhulu emabhampin­i futhi umsindo wangaphand­le awumkhulu ngaphakath­i.

Iyezwakala ukuthi inamandla amancane ngoba ihamba ibuye ifune ukushintsh­wa uma udlula enye imoto okwenza izwakale isidumela phezulu.

Okufike kuthi cosololo enhliziywe­ni wukonga kwayo uphethroli, ikakhuluka­zi ngoba unyuka nje ngenyanga ezayo. Inani 1.4 63kW Comfortlin­e R192 000 Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-6 year Anti Corrosion Warranty. Uma uthanda ungathenga ne-Automotion Maintenanc­e Plan neVolkswag­en Automotion Service Plan.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa