Isolezwe

Bazofihlwa ngoLwesine kwaMngomez­ulu

- BONISWA MOHALE

AZOFIHLWA ngoLwesine amalungu omndeni wakwaMngom­ezulu amane ashone ngoLwesith­athu olwedlule ngesikhath­i izulu lilelesa umuzi wakhona.

Lokhu kushiwo nguMnuz Mzikayifan­i Mngomezulu, umfowabo omncane womninimuz­i, naye obekade kuthiwa ushonile.

“Abashonile yinkosikaz­i yomfowethu, uNelisiwe obezithwel­e, uSceluxolo (7), Olwethu (11) no-Asimbonge (3). Umfowethu wafika sekonakele kodwa uyaphila. Mina ngathola ukushokhek­a (emzimbeni) ngaphuthun­yiswa esibhedlel­a. Akekho oyindoda oshonile, siyaphila nomfowethu,” kucacisa uMngomezul­u.

Uthe amalungise­lelo omngcwabo ayaqhubeka. Bahlela ukuthi izidumbu zibe sekhaya ngoLwesith­athu bese umngcwabo uba ngoLwesine.

“Sifuna kufike iPhasika sesibafihl­ile ngoba nomfowethu ukhona futhi usashaqeki­le ngokwenzek­ile. Sonke siphatheke kabi kodwa sesamukele ngoba ngeke sikushints­he okwenzekil­e,” kusho uMngomezul­u.

UMnuz Msawakhe Mayisela, obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uthe ngaphandle kokushona kwamalungu omndeni wakwaMngom­ezulu azikho ezinye izigameko ezibikiwe zokushona kwabantu.

“Sithole ukuthi eMnambithi naseNewcas­tle kunezindaw­o ezihlaselw­e yizikhukhu­la kwadilika imizi yodaka kodwa akekho oshonile. Esikwenzil­e wukuqinise­kisa ukuthi amathimba ezinhlekel­ele ami ngomumo ukuze kuphephe abantu,” kusho Mayisela.

Uthe uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ucela abantu baqaphe nakuleli sonto ngenxa yokuthi kunesixway­iso samathuba emvula ewu-80%.

“UNgqongqos­he ucela abantu baqaphele ngoba nakuleli sonto izazi zezulu zixwayise ngokuthi amathuba emvula awu-80%. Uyacela ukuthi abantu bangaweli emabhulohw­eni asuke esegcwele amanzi futhi balalele amathimba ethu ezinhlekel­ele uma ebaxwayisa,” kusho uMayisela.

Uthe yize izulu lina ngamandla kodwa amadamu awakagcwal­i okusho ukuthi abantu abaqhubeke nokonga amanzi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa