Isolezwe

IVodacom Super Rugby iwumqansa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUVALWE ngehlahla emaqenjini aseNingiZi­mu Afrika amele iNingizimu Afrika kuVodacom Super Rugby akhale ngaphansi wonke ngaphandle kweDH Stormers enqobe ngo 25-19 kuQueensla­nd Reds ngoMgqibel­o eKapa.

Bese kuyiwini yesithathu kumaStorme­rs kodwa kwiCell C Sharks neVodacom Bulls kusinda kwehlela emuva kokuba ephinde athola isibhaxu. Indaba iqalwe yiSharks ngoLwesihl­anu enenebulwe yiMelbourn­e Rebels ngo 46-14 e-AMMI Park, e-Australia.

Ukushaywa kweSharks kuphinde kwakhumbuz­a abalandeli bayo ngobunzima ebhekene nabo kwazise iqale kabi kule sizini. Emidlalwen­i emihlanu iSharks isanqobe kanye. Elinye iqembu elingazang­e liqale kahle yiBulls.

Ishaywe yiCrusader­s ngo 33-14. Okubi ngeBulls iyiqala kahle imidlalo kuthembisa impela kodwa kuthi uma sekuphakat­hi noma uma umdlalo usuyophela ivele iqale yenze okuxakile.

Elinye iqembu elikhale ngaphansi yi-Emirates Airlines Lions. Iyiqembu elithwelwe ngeqoma ukuthi lizoqhubek­a nokuphakam­isa igama lezwe njengakuma­sizini amabili adlule. Nokho iJaguares iyinqobile ngo 49-35.

Ngesikhath­i kuqala isizini iSharks ibithishwe ukuthi iqale kahle emuva kokuthenga kahle nokuqinisa nangoDick Muir onomlando omude wokudla izicoco neqembu nakumaBhok­obhoko. Okubonakal­a ngeSharks kodwa wukuthi abadlali bayo basemuva abanakho ukuzethemb­a okulindele­kile kubona. Abaphambil­i bayazama kodwa ngeke benze lutho uma abasemuva bengaphaph­eme ngokugcwel­e.

Ngempelaso­nto iSharks iyasuka e-Australia iwelela eNew Zealand. Ngeke kube lula nokho ngoba iqala e-Auckland ngomdlalo weBlues.

Isiyonke imiphumela yeSuper Rugby ihambe kanje:

Jaguares 49-35 Lions; Stormers 25-19 Reds; Hurricanes 29-12 Highlander­s; Sunwolves 10-61 Chiefs; Rebels 46-14; Sharks; Crusaders 33-14 Bulls.

 ??  ?? SIYA KOLISI
SIYA KOLISI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa