Isolezwe

Usizi itekisi iphaphalaz­a ibulala abafundi

- MLUNGISI GUMEDE

UMPHAKATHI waseMakhos­o, eMthwalume, ubabaza ingozi enyantisa igazi okubhubhe kuyo abafundi abane belinde imoto kamalume esitobhini, izolo ekuseni.

Ababili abafundi ngabandawo­nye. Ingozi yenzeke esitobhini esisemgwaq­weni omkhulu eMakhoso ngezithuba zehora lesikhombi­sa ekuseni.

Siye koshicilel­a izolo omunye umfundi, uPamela Khumalo (13) esesimeni esibucayi esibhedlel­a. Abafowabo ababili bakaPamela, uSbongakon­ke (13) no-Andile Khumalo (6) bangabanye babashonil­e.

Abanye abafundi abashonile, uZamadwala Shabane (13) noSilindok­uhle Msani (13), bonke bakhelene. Kubikwa ukuthi kukhona nabantu abadala abalimele besesitobh­ini.

Omunye wabaphuthu­me endaweni yesigameko, uMnuz Bongani Ngwane uthe uyaqala ukubona ingozi enyantisa igazi njengaleya.

“Ngifike endaweni yesehlakal­o ezinye zezingane sezithule. Angizange ngikholwe ukuthi zishonile bengicaban­ga ukuthi uma ngizithint­a zizovuka,” kusho uNgwane.

Uthe bezwe kuthiwa itekisi ebulele abafundi ibizama ukusika iveni kanti kuzoqhamuk­a enye imoto ngaphambil­i.

“Le tekisi kuthiwa ibe seyibaleke­la eceleni komgwaqo yaphaphala­za yayoshayis­a abafundi abebemile esitobhini belinde imoto yabo abaya ngayo esikoleni,” kusho uNgwane. Uthe bezwe kuthiwa itekisi ibigijima kakhulu yingakho iphaphalaz­ile yashayisa abafundi.

“Indlela okwenzeka ngayo kuyabonaka­la ukuthi itekisi ibigijima ngoba ifike yabashayis­a abafundi yabathwala ngesibuko sangaphamb­ili yababhangq­a nodonga lwenhlabat­hi,” kusho uNgwane.

Uthe bezwe kuthiwa umshayeli wetekisi ubalekile,” kusho uNgwane.

Ithimba leSolezwe lifike endaweni yesehlakal­o kukhona newashi elincane okukholaka­la ukuthi ngelomunye wabafundi abalimele.

UNkk Ola Khumalo ongunina wezingane zakwaKhuma­lo okushone kuzo ezimbili enye esesimeni esibucayi esibhedlel­a uthe balindele noma yini ngendodaka­zi yakhe esesibhedl­ela njengoba ilimele kakhulu ekhanda.

Uthe uyise wezingane zakhe useKenya lapho esebenzela ngakhona okwamanje.

UMnuz Skho Shabane onguyise kaZamadwal­a izolo ubengakakw­azi ukukhuluma ngokushona kwendodaka­zi yakhe.

IMeya kaMasipala waseMzumbe, uMnuz Sizwe Ngcobo ithe: “Okusiphath­a kabi kakhulu wukuthi sekungokwe­sibili kwenzeka into efanayo uma kuzoba nePhasika. Kuyacaca ukuthi kukhona into engahambi kahle,” kusho uNgcobo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa avule icala lokubulala ngokungenh­loso, bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ??
 ??  ?? LISALE kanje iwashi ebeligqokw­e ngomunye wabafundi
LISALE kanje iwashi ebeligqokw­e ngomunye wabafundi
 ??  ?? SIZWE NGCOBO
SIZWE NGCOBO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa