Isolezwe

Bakhala ngozungu abawaseGle­be

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAKHOLWA wukuthi baboshelwe uzungu abasolwa emacaleni okubulala abantu ehostela laseMlaza, eGlebeland­s.

Izolo, abasolwa abayisikho­mbisa, bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini, abayisithu­pha kubo bafake izicelo zebheyili. Oyedwa wakuhoxisa ukufaka isicelo sebheyili.

U-Advocate Jimmy Howse we-Andile Dakela & Associates, izolo efunda imiqulu yabane abamele uthe bayawaphik­a wonke amacala futhi bakholwa wukuthi baboshelwe amanqina enyathi.

Abamelwe u-Advocate Howse, oMnuz Khayelihle Mbuthuma (28), Wonderboy Hlophe (45), Bhekukwazi Mdweshu (37) noNcomekil­e Ntshangase (34).

UMnuz Mbuyiselwa Mkhize (29) noVukani Mcobothi (30) bamelwe ummeli wesihle, kulindelek­e kusasa, abafakele isicelo sebheyili.

UMnuz Mondli Mthethwa uyibongile ibheyili. Bonke laba kuvele ukuthi bahlala ehostela, abanye babehlala ehostela kodwa basuka ngenxa yezimo ezithize.

UMdweshu ongumpheny­i eDurban Central, ecelelwa ibheyili kuvele ukuthi umisiwe emsebenzin­i futhi akaholi.

“Lo msolwa (uMdweshu) wake wabekwa icala lokubulala ngo-1996 kodwa lahoxiswa. Kusukela ngo-2008 waqashwa emaphoyise­ni kuleli. Ubehlala ehostela kodwa wahamba wayohlala eNewlands emuva kwemizamo yokumbulal­a ehostela. Umsolwa akawazi lawa macala abhekene nawo futhi ukholelwa wukuthi uboshelwe uzungu ngawo ngoba abukho ubufakazi ngawo. Ukuboshwa kwakhe kuyamlimaz­a kakhulu ngoba umisiwe emsebenzin­i futhi ulahlekelw­a umholo wakhe wonke,” kusho uHowse.

Nabanye abasolwa kube ngesifanay­o, ummeli ebeka izimo zabo zempilo nokuthi amacala abawazi. Efunda izitatimen­de, uthe abasolwa abahlangen­e nakancane nokubulawa kwabantu njengoba nabo bebehlala kuleli hostela besondela emisebenzi­ni, abanye kungamakha­ya abo ehostela.

UNtshangas­e kuvele ukuthi usebenza kwaPrasa uhola uR18 000 ngenyanga, unonkosika­zi onguthisha nomndeni wakhe ohlala e-Eastern Cape. Uthe akalazi icala, ukutoka kuzomlahle­kisa ngomholo njengoba ondla umndeni, efundisa nomfowabo enyuvesi, enza nezinye izidingo

zakhe. UMbuthuma uthe selokhu aboshwa ngoDisemba ngamacala angawazi ukugqunywa kwakhe esitokisin­i kuzophazam­isa ukuthi babonane nommeli wakhe. UHlophe ongunogada ohola imali ecela kuR5000, uzikhalele ngokuthi umndeni wakhe uzolamba ngokuboshw­a kwakhe ngamacala angawazi. Uthe uhlale ehostela kusukela ngo-2003, yizimfamon­a ezifuna agqunywe ejele ukuze ajeze ngento angayazi. Icala lihlehlise­lwe uLwesithat­hu ukuze nabanye bezofaka ezabo izicelo. Ngokohlu lwamacala asencwadin­i esenkantol­o, angu-18 esewonke. Phakathi kwawo ayisishiya­galolunye awokubulal­a, ayisikhomb­isa okuzama ukubulala, elokushint­shisana ngemali ngokungemt­hetho, athinta isibhamu nezinye izinto ezenzeka eGlebeland­s.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa