Isolezwe

Intandokaz­i yeThe Queen isibuyile

- NOKUBONGWA PHENYANE

USEQALILE ukuqopha emdlalweni iThe Queen, uNatasha Thahane, olingisa indawo ka-Amogelang kulo mdlalo asenyamala­le kuwo isikhathi eside ngemuva kokuhlaba ikhefu.

Le ntokazi ngonyaka odlule imemezele ukuthi izoke ingabonaka­li njengoba ibisayoqhu­ba izifundo zayo zokulingis­a e-United States.

UNatasha kulindelek­e ukuthi aqale ukubonakal­a ngoMay kwiThe Queen.

UNondumiso Mabece okhulumela uMzansi Magic, ukuqinisek­isile ukuthi lo mlingisi osemncane useqalile ukuqopha iziqephu azobonakal­a kuzona.

“Sijabule ngokubuya kwale ntokazi kulo mdlalo. Siyathemba abantu bazophinde bayijabule­le indawo abeyilingi­sa njengoba bebenza ekuqaleni. Imiyalezo besiyibona usuku nosuku ezinkundle­ni zokuxhuman­a, inxuswa le ntokazi ukuthi ibuye kulo mdlalo,” kusho uNondumiso.

Uthe iThe Queen izoheha kakhulu futhi bazimisele ukuqhubeka nokunika ababukeli bayo abakufunay­o.

“Abalindele okukhulu kule ntokazi nakwabanye abalingisi abakulo mdlalo asebekhomb­ise ikhono eliyisiman­ga,” kuchaza uNondumiso.

Ebuzwa ukuthi uShona Ferguson, olingisa indawo kaJerry kuwona usazobuya yini njengoba engasabona­kali, uthe uShona usazohlala emdlalweni futhi azikho izinhlelo zokuthi ashiye kuwo.

Umlingisi walo mdlalo, uThembsie Matu olingisa indawo kaPatronel­la, kuwo ufake isithombe sakhe nayo le ntokazi kwi-Instagram eveza ukuthi ukujabulel­e ukusebenza nayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa