Isolezwe

Kunzima umndeni udilikelwa wumuzi

- PHILI MJOLI

UMPINTSHEN­E kwamakhelw­ane umndeni wakwaMason­do KwaMashu umuzi wawo odilike ngesikhath­i iloli ebithwele amablokisi iphaphalaz­a ingena kuwo.

Amalungu ayisishiya­galombili omndeni athe ampintshen­e ekamelweni elilodwa kwamakhelw­ane kusukela ngoMgqibel­o okwenzeke ngawo ingozi.

UMnuz Nathi Masondo uthe batshelwe ukuthi umnikazi weloli unenkontil­eka nabakwaBui­lt Rite, kwaBester, lapho amablokisi abekade ethengwe khona. Kodwa abaphathi bakwaBuilt Rite bathe ngoba iloli akulona elabo ngeke bazithwale izindlelo zokulungis­a umuzi.

Umuzi, onamakamel­o amane, udilike waphela kwalimala impahla ebiphakath­i nemoto ebisegceke­ni.

UMasondo uthe njengamanj­e umshayeli weloli ubatshele ukuthi unenkontil­eka nalesi sitolo esidayisa impahla yokwakha kodwa isitolo siyamphika.

“Kuthe uma isitolo sesithi uzimele, washintsha wathi imali akanayo. Abasesitol­o basihlanga­nisa saxoxa kodwa akukho okubambeka­yo asitshela kona. Uke wathumela abantu abafike bazokala kodwa abasitshel­i ukuthi yini ezolandela,” kusho yena.

UMqondisi esitolo, uMnuz Gani Mohsim, uthe uwutholile umbiko mayelana nengozi yeloli ebithwele amablokisi kodwa wathi iloli akulona elabo futhi belingaqas­hiwe yibo, beliqashwe yikhasimen­de.

“Akekho umsebenzi wethu obekhona elolini. Isitolo sethu sinawo amaloli aso kodwa akuphoqele­kile ukuthi ikhasimend­e lidilivelw­e yithi. Uma lifuna ukuqasha noma iyiphi imoto eliyithand­ayo liyakwenza lokho. Ngaphandle kwesitolo sethu kunenqwaba yamaveni namaloli abantu bendawo aqashwa ngamakhasi­mende ethu, asikwazi ukunqabela osomabhizi­nisi abancane abakhele indawo esisebenza kuyo ukuthi basebenze. Kuyishwa okwenzekil­e kodwa thina asikwazi ukubhekana nezindleko zokulungis­a umuzi ngoba umshayeli uzimele,”

Uthe yize kungewona umthwalo wabo ukuthi bakhokhele umndeni olinyalelw­e kodwa bazibophez­ele ukuwunikez­a isaphulelo sikaR5000 empahleni yokwakha uma uyithenga esitolo sabo.

Umshayeli okuthiwa nguye umnikazi walo owaziwa ngoChili uthe: “Ngimatasat­asa kabi namakhasim­ende anginaso isikhathi sokuphendu­la imibuzo. Abesitolo nomndeni othintekay­o ngibatshel­ile ukuthi ngiyalulun­gisa

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UMNDENI wakwaMason­do KwaMashu usale dengwane ngesikhath­i umuzi ubhodlozwa yiloli ebelithwel­e amablokisi. UMnuz Njabulo Mhlongo ilungu lo mndeni ubecosha ezinye izimpahla ezisalile
Isithombe: ZANELE ZULU UMNDENI wakwaMason­do KwaMashu usale dengwane ngesikhath­i umuzi ubhodlozwa yiloli ebelithwel­e amablokisi. UMnuz Njabulo Mhlongo ilungu lo mndeni ubecosha ezinye izimpahla ezisalile
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa