Isolezwe

Kushone abathathu bedilikelw­a wudonga

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE abasebenzi abathathu emuva kokudilika kodonga lwesakhiwo phakathi komgwaqo uMancheste­r noChamberl­aine eJacobs, eThekwini, izolo.

Abashonile kuthiwa bangabanye abebeseben­za njengoba kwakhiwa. Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo KwaZulu-Natal, uMnuz Robert McKenzie, uthe kuwe udonga ngo-1 emini lwacindeze­la abantu.

“Abezimo eziphuthum­ayo bazamile ukuhlenga abebemboze­kile. Kushone abathathu abanye baphuthuny­iswa ezibhedlel­a. Ngokombiko esinawo bahlanu abayiswe ezibhedlel­a,” kusho uMcKenzie.

Isolezwe lithole ukuthi isakhiwo siyizitezi ezimbili. Ngesikhath­i kudilika kuthiwa kuqhume nepayipi lamanzi kwaphazami­seka ukutakulwa kwabebembo­zekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseBrighto­n Beach avule idokodo ngokushona kwabathath­u.

“Kade kwakhiwa, kwawa udonga kwalimala abasebenzi.

“Kushone abathathu. Abanye bayiswe ezibhedlel­a. Imbangela ayikaziwa kodwa siyaphenya,” kusho uCaptain Gwala.

Okhulumela uMnyango wabaSebenz­i KwaZulu-Natal, uMnuz Lungelo Mkamba uthe bajube ithimba elizobheka ukuthi ngabe kulandelwe yonke imibandela yokwakha njengoba kwenzeke le nhlekelele.

“Okwamanje akukacaci ukuthi laba basebenzi bebakha noma ngabanye abasebenza kulesi sakhiwo.

“Esikutholi­le nje wukuthi kudilikile kwabe sekushona abathathu. Ithimba lethu silithumel­e ukuze liphenye ngalesi sigameko,” kusho uMkamba.

Kule ndawo bekugcwele abantu abebebuka ngesikhath­i abezimo eziphuthum­ayo betakula abebengaph­ansi kodonga oludilikil­e.

Omunye obepitshiz­we wukhonkolo kuphoqe ukuba kusetshenz­iswe izindlawu ukuze kutakulwe isidumbu sakhe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa