Beseke ukudayisa ngomzimba
Izinkinga emishadweni yabahlangana sebenezingane. Kudlisa ihwanqa nentshebe kulesi sikhathi kubantu besilisa.
Umsakazi ulaxaze ukusakaza wangena emculweni.
Usecula okacothoza obecula owokholo.
Zizobe zenzeka ezindaweni ezehlukene kuleli Phasika.
Sikuphathele ezinohlonze zeNedbank Cup ezimayelana neSundowns neKaizer Chiefs.
OwoSuthu uveza isibopho sakhe ngeqembu.
Ezixubile ezithinta amaqembu eNational First Division nagijima kwiPremiership.
USONHLALAKAHLE ophinde abe yisishoshovu kwezobulili, ukhwele wadilika kwabezenkolo abahlulela abadayisa ngomzimba, athe baningi abadayisi kodwa abangekho emgwaqweni.
UNksz Bongiwe Zengele ukusho lokhu izolo e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) lapho bekunenkulumo ngxoxo ngodaba lwabadayisa ngomzimba.
Uthe abezenkolo bathi bashumayela uthando, ubunye nokuxolela kodwa bayahluleka ukuqonda udaba lwabadayisa ngomzimba.
Ucaphune indaba eseBhayibhelini ngowesifazane owayedayisa ngomzimba ababefuna ukumkhanda ngamatshe kodwa uJesu wangamahlulela kunalokho wamxolela. Ukhale nangokuthi abesifazane abaphumela obala badayise ngomzimba emgwaqweni bayagxekwa ekubeni bebaningi abadayisa bengaphumele obala.
“Uma sifuna ukunqoba kulolu daba kumele siqale siguqule indlela esicabanga ngayo. Imali etholwa ngokudayisa umzimba ihluke ngani kunemali etholwa abanye abasebenzi? Akumele siyibuke ngasohlangothini olulodwa eyokudayisa ngomzimba ngoba nabazincoma ngokuba namaBlesser bayawudayisa umzimba. Kucashwa ngaleli gama lamaBlesser ukuze kubukeke sengathi yinto enhle ekubeni umsebenzi uyafana.”
UNksz Nonhlanhla Mkhize weDurban Lesbian and Gay Centre ophinde aseke abadayisa ngomzimba, uthe baningi abagxeka abadayisa ngomzimba ekubeni abanye behleli nabo emakhaya. Uthe abantu bacabanga ukuthi abadayisa ngomzimba bayalala kuphela kanti abanye bakhokhelelwa ukududuza amakhasimende ngokomoya. Uveze nokuthi abanye banelisa izidingo zocansi kumakhasimende ngoba ophathina babo behluleka emakhaya.
“Uma abashadile behluleka ukwanelisa ophathina babo, abadayisa ngomzimba bazolisebenzisa ithuba,” kusho uNksz Mkhize.
UDkt Monique Emser oyiSenior Lecturer kwiSchool of Social Sciences e-UKZN, uthe kusenzima kwabadayisa ngomzimba ngoba ngokomthetho wakuleli kusayicala. Ukhulume ngokubuyekezwa komthetho iSexual Offences Act yango-1957 athe kumanje isabacindezela abadayisi.
“Ngokwalo mthetho ukudayisa umzimba akusoze kwabonakala kufana neminye imisebenzi. Lo msebenzi umataniswa nokuxhaphaza amalungelo.”
Usonhlalakale we-Indoor Crisis Centre uNksz Portia Kubheka uthe abadayisa umzimba basahlulelwa, bahlukunyezwe nangamaphoyisa. Uthe amanye amakhasimende abo ayabanqabela ukuthi basebenzise amakhondomu okwenza bathole i-HIV.
Uveze ukuthi abanye bakhetha lo msebenzi ngoba ungadingi ziqu futhi akekho obashayela umthetho ngamahora okusebenza.
Ugcizelele ukuthi akubona abesifazane kuphela abadayisa ngomzimba kodwa nabanobulili obufanayo.
UNksz Nomsa Jali weSex Worker Education and Advocacy Task Force, uthe bafuna ukuba yingxenye yezithangami zokubuyekeza lo mthetho.
Uyakweseka ukuthi ukudayisa ngomzimba kufane neminye imisebenzi ukuze kuphele ukuhlukunyezwa nokuboshwa kwabo.