Isolezwe

Isinqumo ngomasipal­a onezinking­a

- MLUNGISI GUMEDE

UPHUCWE amandla izolo uMasipala iDkt Nkosazana Dlamini Zuma eCreighton nguNgqongq­oshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube.

Umasipala oqanjwe ngoNgqongq­oshe ehhovisi likaMengam­eli, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uphucwe amandla wafakwa kumlawuli ngaphansi kwesigaba somthetho uSection 139 b.

UNkk Dube-Ncube uthe bayangenel­ela kulo masipala ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi ulawulwa ngendlela.

“Inhloso yokuza lapha ukungenele­la kulo masipala ngaphansi kwesigaba somthetho uSection 139 b. Inhlosongq­angi yawo lo mthetho ukuqinisek­isa ukusebenza ngendlela komasipala, lesi sinqumo sisisusela emizameni eminingi eyenziwe ngumnyango sizama ukutakula umkhandlu,” kusho uNkk DubeNcube. Uthe sekunesikh­athi umasipala uhluleka nokugcwali­sa izikhala ezibalulek­ile zezimenenj­a.

“Lokhu kuholele ekutheni umasipala ubhekane nezingqina­mba ezidalwa nawukungab­oni ngasolinye ngaphakath­i.”

Uthe imihlangan­o emithathu yokugcina yalo mkhandlu ibe nomsindo, abanye bayiduba.

“NgoJanuwar­i 23 izikhulu zomnyango zeza emhlanganw­eni womkhandlu kodwa zangavunye­lwa ukuthi zibe yingxenye yawo,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe lo mkhandlu uhlulekile futhi ukuqasha imenenja kamasipala noMqondisi.

USihlalo we-IFP kuzwelonke ophinde abe yilungu lesiShayam­thetho KwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, uthe bakhathaze­kile ngesezo sikaNkk Dube-Ncube sokuvikela imikhandlu eholwa nguKhongol­ose.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa